Holy Bible: Incwadi yamathwalo – Part 1

Ngiyakhuluka emagumbini omane omhlaba, Empumalanga, eNtshonalanga, ENingizumu nase Nyakatho, ngithi akube kuhle kukhanye. Siyakhuleka kuwe Mvelinqangi Mnini mandla Onke.

Ngibhala lokhu kubhala kwanamhlanje ngisemoyeni wosizi nomunyu omkhulu ngesimo sezwe sakithi. Lesi isizwe esikhulu kakhulu esizala zonke ezinye izizwe ezikhona emhlabeni jikelele. Kuyelumela nokho ukuthi umuntu onsundu namhlanje usefana nensumansumane eyinto engenamsebenzi. Kunezinto eziwumgogodla oyisisekelo wokubhubha komuNtu omnyama esizozisikaza ngejozi namahlanje. Ngizothanda ukubalula ukuthi isihloko sanamuhla sibe ngumphumela wokuthi ngilalele iNkosi Yase Mkhizwaneni lapho beyikhuza khona umhlola kagudi lapho imphefumulo yabaNtu abansundu iphela ubuthaphuthaphu ezingoni zezimoto. 

Kuhle kakhulu ukuthi sikubeke singahlonizi ukuthi yonke imihlola nemimoya emibi ezweni lakithi ikhandwe ibhayibheli. Lencwadi yasentshona ifike nemiqondo eminingi esingayazi ezweni lakithi yaphoqwa ngenganono ukuba siyamukele. Bekunemibhidlango eminingi kakhulu lapho bekuphiswana ngayo mahhala ezikoleni, emsebenzini nasezi godlweni zobukhosi bethu. Inhloso yalencwadi yayiqondile njengoba nanamhlanje isaqondile, “Sonta umqondo womdabu, ushinthse ukucabanga kwawo kwemvelo”. Akhona amaqhawe akithi kwa Ntu alwa kwaze kwaba sekugcineni eyiphika lencwadi, amanye amaqhawe akithi ayeze ajuqe labo abafaka lomhlola ezweni. Sikhumbula iNkosi uSekhukhune wayivala esizweni sakhe wajuqa bonke abase bekhoviwe, emveni kwalokhu wakwazi ukunqoba izitha waze wethiwa igama elithi “British Nightmare”. Izindaba ezinjena ziningi ziyaxoxwa i-Afrika yonke lapho kwakuliwa kanzima nenkolo yobu Khrestu nenkemba yabo ibhayibheli.

INkosi Yase Mkhizwaneni lencwadi iyiqambe igama elihle neliyifanele ngqo, elingukuthi incwadi yamathwalo. Siyafisa ukuke sibheke ukuthi lencwadi ngabe iyincwadi yamathwalo kanjani kanti lokho kubonakala kuphi.

Umhlahlandlela wokuthwala ngomuNtu – Human Sacrifice Manual

Abrahamu and Isaka – Genesis 22

Then God said, “Take your son to the land of Moriah and kill your son there as a sacrifice for me. This must be Isaac, your only son, the one you love. Use him as a burnt offering on one of the mountains there. I will tell you which mountain.”

Lencwadi zithi zibekwa amadaka bese igxuma ihlala laphaya ekuthwaleni okubizwa kuthi “Umnikelo wempepho wokushiswa” noma “isilovela”. Lo mnikelo siwuthola laphaya insizwa lena yasezulwini ujehova isiwufuna laphaya ku Abrahamu. Uma ufunda incwadi yamathwalo iyachaza ngokuthi uJehova uwufuna kanjani lomhlatshelo wakhe oyindodana yakhe u-Abraham. Sithola laphaya ehlathini elithize, ujehova esechazile yonke imigomo yalesi sithwalo, u-Abrahamu eseyilungisile indodana ukuyihlaba ayihabele lesilwane esingu jehova. Ngenhlahla lengane lapha isindiswa inyamazane yehlathi eyaphazamisa uyise eseyibhokodwa ngomkhonto eyihlabela ujehova.

Intombi ka Jafethe

‘Do this for me, release me for two months and I will go and ‘go down’ upon the mountains and weep for my virginity, I and my women companions. (Judges 11:37)

And it came to pass at the end of two months, that she returned unto her father, who did with her according to the vow which he had vowed; and she had not known man.

And it was a custom in Israel, that the daughters of Israel went yearly to lament the daughter of Jephthah the Gileadite four days in a year.

– Judges 11:38-39

Lena enye yezindaba ezibuhlungu kakhulu njengazo zonke izindaba zokuthwala. Lapha sithola enye inhlobo yesithwalo sikajehova lapho khona uma ekwenzele okuhle kumele umenzele umnikelo wokushiswa, ushise lokho okuphilayo ukushisele ujehova. Kuthiwa lojehova lezizinto uzidla ngephunga lentuthu eya ezulwini lakhe. 

Nalendoda ebizwa ngo Jafethe wakwa israel yayizohamba iye empini iyolwa nezitha zayo, ukuze inqobe yabe isiyakha isivumelwano (pact/covenant) nojehova ukuthi uma enqobile enqobile empini uyobuya amhlabele noma yini eyophuma kuqala imhlangabenze uma esebuya ekonqobeni. Lensizwa yayifuyile kakhulu inayo yonke inhlobo yemfuyo ngokusho kwencadi yamathwalo. Wahamba ujafethe wanqoba ngamandla awanikwa ujehova wathi esebuya eza ekhaya wahlangatshezwa ingane yakhe yentombazane imjabulela ukuthi ubuyile empini.

Nebala ngempela uJafethe akachithanga sikhathi wayitshela lengane uma kushiwo, nayo yavuma ngoba phela lojehova wayaziwa kuphilwa ngaye akaphikiswa! Wayihlaba uJafethe ingane yakhe wayibhinqisa ngomlilo yafa fi! 

Jesu Khrestu – Mock Cannibalism

Then Jesus said to them, Truly, truly, I say to you, Except you eat the flesh of the Son of man, and drink his blood, you have no life in you.

John 6:53

Kuyaye kuthiwe ithi ingaba nkulu ingazekeki! Umhlola wokugcina nci lona ka mfana ka jehova. Okumangazayo kakhulu ukuthi lendaba idume izwe lonke kangaka futhi uma ikhulunywa ingethusi. Lapha kulendaba sithola imigomo namasiko aphelele okuthwala ngokuphanyeka umuNtu ephila esiphambanweni noma esihlahleni. Siphinde sithole usiko lwamazimu lapho khona kudliwa umuNtu kuphuzwe negazi lakhe ukuze kuphilwe kahle. Izikhathi lapho lokhu kumele kwenziwe zicacile ziyavezwa kuyona lencadi yamathwalo. 

Sithola lapho kuvela khona ukuthi umzimba walomfana ka jehova kumele udliwe uhleshulwe bese igazi lakhe liyaphuzwa. Nebala isidumbu sakhe emva kokuncwatshwa asibuye sitholwe! Kuyavela ukuthi kukhona abangenelisekanga ngalesi senzo base nezezela imibhalo yokuthi wavuka.

Uma sibuyela esiphambanweni sithola imithi ethize ejulile nosiko lokubulawa nokuhlatshwa kwakhe ukuze abe umhlatshelo wentethelelo ku jehova ubaba wakhe. Uthwesa umuthi onameva ekhanda, aphuziswe nokuthile okuyimithi  bese bemhlaba ngomkhonto sankomo lapha ohlangothini avuze igazi. Lokhu ithi incwadi kwaba namandla angangokuthi kwaze kwanyakaza imisamo yabo abebanayo okuyinto eyayingakaze yenzeke besahlaba izimvu uma benzela lojehova imihlatshelo. 

Blessing – Cover with blood

Sinenkinga enkulu lapho khona kwabulawa i-Medu-Neteru (Ulimi LweSiNtu) i-Afrika yonke yalunjwa nolimi lwezigangi. Sithola lapho kuthathwa into yesilumbi bese yembeswa ibizo lesiNtu kuthiwe kusho into eyodwa. Singabala lapha bajuqa u-Atum(Mvelinqangi) bambiza ngo Adam kanye no Atom. Lesi senzo siwukufa ngoba sibulala ubudlelwano babaNtu no Mvelinqangi.

Kukhona naleli bizo lesilungu elithi “Bless” elatolikwa kwathiwa lisho “ukubisisa” kanti lutho eluthela. Leligama lingumnyombo we proto-germanic culture lapho liqonde khona ukuthi “cover with blood” okwakusho into enhle kubona neyinhlambuluko njengoba sibona laphaya endabeni ka jesu. Manje lokhu kithi njenga BaNtu akusilo usiko lwethu asikwazi igazi liyahlonishwa ngendlela eyisimanga! Kuze kuthiwe liyakhuluma akukho lapha sigeza izandla ngegazi noma umzimba. Sigeza ngemithi isiqunga, umsuzwane neminje eminingi. Incwadi yamathwalo ijulile kakhulu kulesi senzo se-blessing lapho yonke into ujehova ethembisa ethi “I will bless you” njl njl. Indaba lapha esala khona ukuthi igazi lani leli okuthenjiswana ngalo? Emhlabeni namhlanje elikabani elichithwayo? “connect the dots” 

Umlando wencwadi yamathwalo

Kubalulekile kakhulu ukuba sazi kafusha ngomlando walencwadi yamathwalo ukuthi sifike kanjani lapho sikhona namhlanje. Lencwadi kukhona isikhathi lapho eyayingavunyelwe ukuthi ifundwe noma isetshenziswe umphakathi, empeleni umphakathi wawungayazi! Ngalesikhathi yayisabhalwe ngolimi lwesilathini (Latin) nezinye zabelumbi ezindala. Kuthe kungasungulwa isingisi (Kings English) okwakungulimi lwasebukhosi babelungu kwavela imiqondo eyayithi ayitolikwe nayo lencwadi iphinde idedelwe iye kubaNtu.

u-Queen Elizabeth I owayenobudlelwane bocansi nendodana yakhe u King James owayenonya ebuye abe ngunqingile kwaqala ngesikhathi sakhe konke lokhu ngeminyaka yabo – 1500. Ithe ingaphatha ingane yakhe u King james wabe eseqoka izazi zalolumi olwabe luselusha isingisi ngonyaka ka 1600 ukuthi abakhande incwadi yamathwalo elungele ukuthi ifundwe umphakathi ebhalwe ngolimi lwakhe isingisi. Lezi zazi ezazingabathakathi abajulile zazi izimfihlo zemvelo zayiloba lencwadi iminyaka eyili- 11 yase iqanjwa ngokuthi yi King James Bible 1611. 

Ubukhosi bamangsisi nanamuhla buthi:

“Noted for its ‘majesty of style’ the King James version has been described as one of the most important books in English cultre and a driving force in the shaping of the English speaking World” 

British

Blessing Afrika kusetshenziswa incwadi yamathwalo

Namhlanje alikho izwe elichithekelwa igazi ukwedlula izwe lakithi lase Afrika nabaNtu balo. Konke lokhu kwenziwa ngokulandela lencwadi ebhalile yachaza yonke imigomo yalokhu. Amasondo encwadi yamathwalo siyawabona naphesheya ebulala inqwaba yalabo abangahambisani nabo njengokuyalela kwalencwadi. Nabanikazi bayo amangisi umlando wabo uyaziwa kusuka ku East India Company, Berlin Conference, King Leopard, Cecil John Rhodes, biblical Apartheid, biblical Democracy, biblical Royaltly, biblical World order nokunye okuningi kakhulu. Abaholi balezi zinhlaka uma befunga bethatha izikhundla bafunga phezu kwayo incwadi yamathwalo kanti lokhu kwenziwa emini bebade sibuka sonke. Uma sebephethe abaliphathi elika Mveliqangi, isiNtu kanye no BuNtu kepha bathuthukisa incwadi yamathwalo nezimiso zayo begubhe yonke imigubho yayo kuxuba amablessing.

Lobukhosi bamangisi bungakayikhiphi lencwadi emphakathini ngabe yayisetshenziswa ukwenzani? Kungenzeke ukuthi kwakuyimikhosi lena yokuthwala ukuze bekhuphuke bebe bakhulu njengoba babebakhulu nje? Namhlanje siyezwa kuwona amazwe awo amangisi ukudliwa kwabaNtu nezingane kuthiwe zenza umuNtu engagugi ehlale emncane (ukuphila okuphakade/Adrenochrome).Epstein island ingudabamlonyeni lapho khona kuvela ukuthi laba abacebile kakhulu bagila lomhlola omubi esiwuthola ufana ncimishi nalokho okubhalwe encwadini yamathwalo.

One thought on “Holy Bible: Incwadi yamathwalo – Part 1

  1. Hі, I think your blog might be һаving browser compatiЬility іssues.

    When I look at your blog sitе in Ie, it looks fine but when ᧐pening
    in Internet Explorer, it has some overlapping. I just wanted to
    give you a quick heads up! Other then that, great
    bⅼog!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

error: Content is protected !!