Imfihlo yobungoma : Indabuko yemiyeko yokhokho

Ngiyakhuluka emagumbini omane omhlaba, Empumalanga, eNtshonalanga, ENingizumu nase Nyakatho, ngithi akube kuhle kukhanye. Siyakhuleka kuwe Mvelinqangi, Siyakhuleka ku BaNtu bonke.

Ukulinyazwa ko mlando wabaNsundu

Sinenkinga enkulu namhlanje lapho singazi noma singamahhashi noma siyimbongolo. Lokhu kudalwa ukuthi konke okwethu kokuthi sivelaphi kwabhidlizwa kwabhonjwa ngamabhomu kwajuqwa. Namhlanje esiyikho asisakwazi kushoni noma kwakuqambeke kanjani. Lokhu kuholela ekutheni kube lula ukuthi noma ubani aqhamuke ahlabe esiyikho ethi akusikho okwethu, noma besembese okunye bethu okwethu.

Namhlanje sesivunzwe ukuthi sasingabhali saze sakuvuma sakukholwa lokhu. Inkinga iba lapha sewuthi uyambulula emthonseyaneni yomlando uthole ukuthi ukubhala lokhu okudaladala ukuthi kwasungulwa yithi abaNsundu. Kanti nokulotshwe ematsheni atholwayo yikho belu okwethu kuleli lakithi kakhulukazi lapha ebuThonga.

Namhlanje sithi asike sinezele laphaya emlandweni wobungoma obuhlale buzithola busenkingeni yokucokofuywa yinoma ngubani ngaphandle kolwazi olujulile. Sithinta leya ndawo yemiyeko evamisile kakhulu ukubonakala ithwele abangoma.

Imiyeko yokhokho, yethu, yobungoma

Uma sibuka leziyathombe ezingenhla kulombhalo sibona isimanga sombhalo wokhokho bethu wase Nubia lapho beziqophe khona bethwele imiyeko efana ncimishi kanye nalena ethwala abangoma namhlanje. Uma sibheka laphaya kokhokho eNubia siyathola ubumfihlo obukhulu esingeke sabudalula lapha mayelana nalemiyeko kubuye kube nesimo sokuzithanda izinwele njengophawu lobukhulu kwezikamoya kanye nobuhle bazo.

Abangoma nanamhlanje lolusiko lwenjulo yethu basaluqhuba njengabaNtu abafanele ukuba abakhulu kwezikamoya. Kepha ukungazi nokulimala komqondo ulinyazwa isonto bayaye bezithole bethukwa abangoma.

Namhlanje sibapha ihawu lokuvika ukuthi bavele bakhombisa noma ubani ogxibhayo lombhalo onezithombe ezingufakazi.

Read More

https://magadlela.co.za/radio

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

error: Content is protected !!