Follow Indoda Yamaqiniso on social platforms
Ama-reptilians, izidalwa ezisasibankwa zasemazweni asemkhathini. Lezi zilwane zinamandla okukwazi ukuziphendula noma ngabe yini ephilayo eduze kwazo ngaleso sikhathi, zibukeke njengakho lokho, nokuyilokhu abathi phecelezi yi-“shapeshifting”. Isibonelo: Lezi zidalwa ziyakwazi ukuthi uma zibona izinkomo eduzane kwazo, ziziphendule izinkomo nazo, zibukeke njengezinkomo ezinkomeni.
Zenza okufanayo ke nasezidalweni zakulomhlaba esiphila kuwo, emhlabeni jikelele. Zinobuhlakani obuphezulu ngendlela eyisimangaliso, nobungeke baqhathaniswa nathi. Yizona lezi zidalwa ezehlela kulomhlaba esikuwo eminyakeni eyizigidi eyedlula, zazalisa izidalwa zesifazane zakulomhlaba abantwaba bazo.
Kusukela lapho, kwaba nabantwana bazo phakathi kwethu abanegazi lazo nelifana negazi lobukhosi phezu kwethu. Yingakho ke uma ufundiswa isayensi esikoleni utshelwa ukuthi umuNtu unengxenye ethile yobuchopho okungeyezibankwa, phecelezi “reptilian brain”. Kwabaningi ayisebenzi, ifana nento efile nokwenziwe ngamabomu yibo labofeleba.

Uma ike yasenenza kuwe, uhlakanipha ngendlela exakile, ukwazi nokubona izinto ezingabonwa ngananingi. Lezi zidalwa zafika kulomhlaba zanomona ngesidalwa esasidalwe nguMdali wethu “wangempela” zase zifuna ukuyona imbwewu (DNA Code) ziyibhanqe neyazo ukuze zona noMdali wazo zizotshela laba abasidala ukuthi abasenaso isabelo phezu kwethu, sesingabazo.
Kwakungekhona ukuthi zabe zisithanda, kodwa inhloso kwabe kungukusigqilaza ingunaphakade. Laba abanegazi lazo lezidalwa yibo ababusa umhlaba, abaphethe ohulumeni nezindlu zobukhosi, ikakhulukazi lamazwe aphesheya. Yingakho ubona nje amaNgisi nalabo abaphethe umnotho i.e. amabhange nohululumeni bomhlaba, benganandaba nenhlalonhle yesidalwa esingumuNtu walomhlaba.
Yibo abengamele zonke izikhungo ezinkulu emhlabeni, kusuka phezulu ku-United Nations, World Health Organization, ezenkolo njalonjalo. Ngingachaza kushone ilanga.
Ngale video ngizama ukunikhombisa omunye wabo. Le video ikhombisa insizwa eyabe isehhovisi likamengameli waseMelika oqeda kushonelwa ngumfazi. Ufika izintatheli zimlindele, afike azitshele ukuthi sekufe umfazi wakhe, ekusho nje njengento engekutho nokumele bengayinaki.
Izintatheli ke ngoba ziwuhlobo lwezidalwa angeyilo yena, zikhombisa ukuzwelana naye, nokufuna ukwazi ukuthi kwenzekeni. Lezi zidalwa azinayo imizwa, ukunalokho zisebenzisa umqondo, lokhu abathi phecelezi yi-“logic”. Izimpi nezifo umdlalo wabo phezu kwethu. Thina sifana nezilwane eziseplazini kubona.
AbaNtu abaningi abazi ukuthi umhlaba uyini nokuthi kwenzekani kuwo.