Passover secrets (occult) : Imfihlo ngomkhosi wephasika

Ngiyakhuleka emagumbini omane omhlaba, Empumalanga, eNtshonalanga, ENingizumu nase Nyakatho, ngithi akube kuhle kukhanye. Siyakhuleka kuwe Mdali Wezinto Zonke.

Emhlabeni esiphila kuwo namhlanje sifike esikhathini lapho kuzoyiwa emaholidini ephasika cishe emhlabeni wonke jikelele. Lamaholidi kuleli lakithi sawanikwa abelumbi mhla sifunzwa idemokhrasi ngo -1994 nangapgambili. Elinye lamaholide adumileyo yileli esiya kulo elaziwa ngo “gudi” noma “iphasika”. Isikhathi lapha abamabhizinisi behlomula ebomvu imali esizweni esimnyama esigubha lemikhosi ye bhayibheli. Namhlanje sifisa ukuyichaza injengoba injalo lemikhosi ukuthi kwenziwani kahle kahle, kanti lokhu kuyahambisana yini nathi thina bako BaNtu nzalo ka Mvelinqangi, uSomandla.

Umlando “omdala” walomkhosi

Ezindabeni ezikhona kulencwadi yebhayibheli kukhona umlando okhuluma ngeqoqo labelumbi ababeziwa ngo “israel” bezibiza ngabantwana baka nkulunkulu noma jehova. Sithi abelumbi nje ngoba siyagaranta impela ukuthi akusibo okhokho abake bazibiza “ngabakhethiweyo baka nkulunkulu” (divide and conquer). Lesi sizwe sinomlando omuhle waso esazibhalela sona ngokwaso sase siwufundisa umhlaba ngokuthi “owazi lomlando uzongena ezulwini lika jehova” okusewumqondo nokucabanga kwalo leliqoqo konke lokho.

Kunendawana kulebhayibheli ethinta isibhalo sethu sanamauhla lapho khona lesi sizwe sakwa israel sithunjiwe egibhithe (Egypt, Africa). Ngokubhalwa kwawo kuthiwa kwavuka umholi wempi (Profet/Millitary Leader) ogama lakhe ngu Moses owabe esenza imilingo edlula eyase Afrika ukuze eqe abaleke nalabantwana baka nkulunkulu. Kulomdlalo wekati negundane kuthiwa kwakubulawa onke amakhosana ase Afrika ebulawa yilo jehova wabuye waqinisa ngamandla akhe inhliziyo ye Silo sethu (esingashiwo igama laso) laphaya egibhithe ukuze aqhubeke abhubhise izwe lasegibhithe. Eminye yemidlalo owayeyenza lojehova ukubhidliza igibhithe ukuthi laba bantwana bakhe abakhethiweyo bona ababulale izimvu ezincane (imvana uma ngingaphosisi) begcobe iminyango yabo babhale ukuthi “Passover”. Emveni kwalokhu lojehova wase uzobe esethumela ingelosi ukuzoqotha igibhithe kepha idlule leminyango yakwa israel ingaqothi khona. 

Kuhambe kwahamba wadela lojehova ilemidlalo yakhe wase ekhipha abantwana bakhe evula ulwandle phakathi naphakathi esebayisa ekhenana ezweni lesethembiso. Endleleni kuthiwa kwakuqathaka ukudla phezulu emkhathini kuze kubo(imana lena esigakaze siphinde siyibone emhlabeni), okwagcina lojehova esekhuluma nomkhuzi wempi (profet, Millitary leader) ukuthi ufuna bamkhumbule njalo ngokubakhipha egibhithe njalo ngenyanga yokuqala okuyiyo owayebakhiphe ngayo. Lokhu kuyobe sekubizwa nge “Passover” okungumbhalo wodumo owabhalwo ezicabheni zabo.

Kudela owaziyo iyiphi inyanga yokuqala kulochungechunge lweqoqo elingayazi isayensi nhlobo, Noma base befundisiwe egibithe?

Umlando ka Gudi  (Good Friday)

Isigaba sesibili salomkhosi yilapho ujehova esemithisa umariya unkosikazi ka Josefa ngomlingo ukuze amzalele ingane yakhe yomfana. Uzaliwe ke lomfana ka jehova unkulunkulu walesizwe wakhula waze wayinsizwa impela. Lomfana uma bechaza bathi wayezalelwe ukuthi afe(ngokubulawa) bese ujehova engawubhubhisi umhlaba. Lelisu babelijabulela kakhulu laba bakubo kwa israel ukuthi ngoba ekhula nje behlezi naye sebehlezi nonkulunkulu wokhokho babo ngoba phela lensizwa noma yayizalwa umariya kepha ingeyesende likajehova, okungukuthi ne – DNA yayo kwakungeka jehova impela uqobo. 

Lapha edida khona lendaba iphinde iziveze ukuthi impela yayenziwa (fiction fiction) inhlobo yizidalwa ezinokucabanga okufisha yilapho lomfana sebenza ngaye umkhosi sengathi uyimvu. Lapha encwadini yalesi sizwe sithola lensizwa iphinde ibizwe ngemvu ingasabizwa ngomuntu. Akugcini lapho lengane kwaze kwenziwa ngayo umsebenzi othile, yathweswa ikhubalo elithize ekhanda(umuThi onameva oyinkatha!), yaphuziswa nemithi ethile (viniga,wine). Kuthiwa lomsebenzi wokuhlatshwa (ukubulawa) kwengane ka jehova no mariya kwaba kukhulu(uthando) impela kwaba yinhlambuluko kwaba ibambela lezimvu lezi ababetshelwe kudala ukuthi bayohlambuluka ngazo. Nebala kuyajatshulwa ngokubulawa kwalengane kuthiwe yayifela ukuthi bagezeke (bahlambuluke) ezonweni kuze kube phakade.

Nayo ke lensizwa sithola ukuthi ngaphambi kokuba ife ngoba vele yayinamacala bengayifuni abaphathi bakubo ngoba iphikisana nabo, yalikhipha ngembaba yathi phuzani leli wayini sengathi niphuza igazi lami, nidle nezinkwa sakudla umzimba (inyama) yami. Nanamuhla lokhu, kusadliwa izinkwa kuphuzwe amawayini kuthiwa igazi lalomfana kanye nomzimba wakhe.

Lokhu thina njengesizwe somdabu siyakweshwama asikwazi ukuthi kwenziwa umsebenzi othile ngokuthi kungahlathswa impahla kepha kuhlatshwe umuNtu, sikugcina kuthelevishini nasezinganekwaneni kuphela. Uma kutholakala ukuthi kukhona amazimu ezweni kwakuphuma inqina ilungiswe leyonto, Inqwaba yamazimu thizeni sizwa kuthiwa alashwa yinkosi uSenzangakhona kuleli lakithi. Angisayiphathi eyokuqona kugilwe umhlola kuthiwe igazi lomuNtu liyageza liyahlanza, liphinde linwe kuthiwe aliphuzwe! Thina sinemithi eyizihlahla eminingi esigeza ngayo izono, amathunzi amnyama njl njl.

Sifike kanjani lapha?

Kuyo yonke lemihlolo, abanye abaNtu bakithi asebezama ukuthi bethi ingeyethu, thina sifakwe ngenkani sasontwa kwakhiwa izindlu kwachithwa izimali nesikhathi esiningi ukuze size siyamukele. Besilazisa igazi lomuNtu size sithi liyakhuluma, lapho kuliwe khona sithi “yimpi”. Leligama ngokusho kuka Mkhulu Credo Muthwa lisho ukuthi “imbi” okwakungukukhuluma okusho ububi nento engeyinhle. Lapho kwakuthi noma seyedlule impi kugezwe kuthelelelwane amanzi kuhlanjulukwe ngemithi yezihlahla wedlelu lowomoya.

Isiqalekiso sikajehova nabantwana bakhe sisitholile nathi sasikhipha endleleni ka Mthehokazi uMvelinqangi saphunyuka sangena lapha esesikhona. Kujuqwe umazisakazi kwalethwa owabezizwe owaziwa ngokuthi yi Gregorian calendar. Lesi senzo yisona esikhande ukuthi kube lula ukunceliswa lamanyala omlando wezipoki saze sawadla. Ngokungabi nalutho esandleni samukela lokho esikunikwayo sigcina siyihlonipha lento ukuze silale sidlile, size siluthane sodwa nathi. Sikunxubevangi yezizwe esingazazi zilwa zodwa zibanga izinto zazo nemilando yazo bese zizoyiphilisa ngokuyifundisa thina kube yithi esiyiphilisayo.

Kuphi okwethu KwaNtu?

Okwethu lulula futhi kusobala njengonogwaja ehlungwini, imvelo ka Mvelinqangi iyona esiholayo ngoba siphila ngayo. Izihlahla, amanzi nomoya ongcwele waso Lwandle. Umazisakazi oyi map yemvelo uyasho ukuthi sekuyisikhathi lapho kumele senzeni siphinde senzeni. Lokhu akulwi nalutho kepha kuyintando ka Mdali womkhathizwe wonke ukuthi kulelithuba (space-time) kukhonani silandele yona ngoba siyiyo.

Siyafisa intsha yakithi uMveliqangi imuzwe ngaphakathi kuyona ingamzibi bese siphuma odakeni esikulo. Lokhu konqamula iziphihli zezingozi, inzondo kanye nobubha. 

One thought on “Passover secrets (occult) : Imfihlo ngomkhosi wephasika

  1. Wоw, fantastic blog laуout! How long haνe you been bⅼogging for?
    you make blogging look easy. The overall look of your sіte is great, as well
    aѕ the content!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

error: Content is protected !!