Nina be Ndlovukazi yobuhlakani bomkhathizwe uNomkhubulwane, Ngiyakhuleka kini nonke
Imbila yaswela umsila ngokuyalezela! Basho njalo okhokho no khokhokazi bethu uma sebefunde imvelo babuya nalobuhlakani. Nanamhlanje lesi simo solwazi siseyiqiniso, sibonile laphaya ezweni Lase MaNgwaneni umsebenzi ongcwele ka Mvelinqangi nomlingani wakhe ubuhle obebukhona obuyisimangaliso. Siyaqonda nokho ukuthi baningi ebebefisa ukuba khona kulo mkhosi kepha bangakwazi ukuphumelela ngezimo ezahlukehlukene. Sizokwenaba ngokuqhubeka kwesibhalo ukuthi kahle kahle kusuke kungumkhosi wani lona, ngabe abasizalakho bawuthathaphi njl njl. Kusemqoka kakhulu futhi ukuthi sichaze ukuthi yini isibusiso seqiniso lemvelo ka Mvelinqangi.
Siyabonga ku Bona Abakhulu Base Khemu
Kuyobe sigila umhlola sikhwela phezu kwendlu izulu liduma, uma singabongi ohlakeni lwe- Great Empire of Kemet kanye ne Zindzi Mandela Foundation ngomsebenzi omkhulu ewenzayo ukusikhanyisela kulobu bumnyama esikubo njengesizwe esinsundu/ sabe Sotho. Lo mkhosi wesililo sika Nomkhubulwane uhlelwe iyona i-GEK ngokuholwa uMkhulu Nsingiza kanti ube yimpumelelo enhle. Abawugejileyo seboze bahlangane nawo ngonyaka ozayo ngosuku, nesikhathi esifanayo.
Siyini isililo Sika Nomkhubulwane?
Miningi imibuzo eqhamukayo ukuthi esani lesi sililo sika Nomkhubulwane kanti futhi sivelaphi. Lo mbuzo njengeminingi imibuzo esikhathini samanje uqhamuka ezindaweni ezimbili, eyokuqala ileyo yokufisa ukwazi, eyesibili iyelo esuka ebuwuleni bokuthi izinto zabansundu azingavuswa kuqhutshekwe nemfeketho yabelumbi. Lapha sizophendula lendawo yokuqala kafusha, Isililo Sika Nomkhubulwane umkhosi lapho umkhathizwe wethu emhlabeni ushintsha isimo, Ilanga ebelikade lihlezi nathi lapha ebuthonga selisefulathela libheke enyakatho. Lesi senzo okhokho babesazisa kakhulu ngoba siphethe impilo uqobo lwayo yakho konke okuphilayo, amanzi, umlilo, umoya kanye namanzi. Njengabantu abangososayensi bomdabu, okhokho babenza lomkhosi wokukhalisa uNomkhubulwane indlovukazi ewumlingani ka Mvelinqangi, ilanga ngalesikhathi. Nanamhlanje lobu buhlakani buyinjini yokuphila kwethu kulomhlaba, kubalulekile ukuthi sikwazi futhi sikwenze lokhu ukuze njengabeSuthu sixhumane ngqo nobuhlakani bomkhathizwe bese sithuthuka.
Siyini isibusiso?
Sizobuyela kuloludaba lwesibusiso ngenhloso yokubala ngezibalo zeqiniso ukuthi isililo sika Nomkhubulwane siyisibusiso yini. Ukuze sikwazi ukukhanda kahle lokhu kubuka kuzofanele sisazi isibusiso ukuthi siyini njengoba sesisazi isililo sika Nomkhubulwane siyini. Leli bizo elithi isibusiso sithola ukuthi inxabo yalo yibizo elithi “busa”. Lelibizo liyaye lithatheizimo ezehlukene enkulumweni kuye ngokuthi inkulumo ithini. Sizobbheka izibonelo nemisho ngezansi:
Umbuso – Umbuso wezimbulu uyabhidlika
ukubusa – Ukubusa kongenaqiniso kuyisiqaleso kubantu
Ukubusiseka – Ukubusiseka kwe Nkosana kulele ezandleni zikayise uma sekunje
Ukubusiswa – Ubusiswe ngeqiniso lemvelo kungakho izinto zihamba kahle embusweni wakhe.
Ukubusisa – Uyise wayengenalo igunya lokubisusa uNkosinathi noma iqiniso lingavumi
Isibusiso – Into eyaba isibusiso kulelizwe ubuningi bamanzi ezweni lalo.
Ngokwezibalo yonke lendaba sesiyichaze sayiqeda ngalemishwana engentla. Lemisho iyasitshela ukuthi isibusiso ilokho okwenza okuthile kubuse, kube nombuso, kubusiseke ngesibusiso okusuke kubusiswe ngaso. Uma lendaba siyisondeza kubantu kuphela sesingakusho singahlonizi ukuthi uma umbuso ungekho isibusiso sisuke singekho ngoba isibusiso siyabusisa umuntu abuse phezu kombuso. Uma ubusisekile ubusiswa isibusiso uyabusa embusweni.
Indaba isisekutheni siveze umbuso uyini ngoba yiwona ongumzimba wesibusiso. SIngasho sithi njengakho konke okukhona imibuso mibili yeqiniso, kunombuso wenyama (iqiniso) kanye nombuso womoya. Umbuso wenyama kungaba ukuphatheka kahle kwenyama njengekusho ko Mthethokazi womkhathizwe. Kanti umbuso womoya yilapho sibona khona ukukhululeka kwemiqondo, izinhliziyo kanje nokujabula kuka nembeza (free flow).
Uma sesiphendula umbuzo wesibhalo sethu sesiphendulekile ukuthi impela umkhosi wesililo Sika Nomkhubulwane uyisibuso seqiniso ngoba uyasikhanyisela ngomhlaba esikuwo, kanye nomkhathi kanye nokuxhumana kwethu nayo lemizimba. Lokhu kukhanyiseleka kusenza sibuse impilo yethu ngoba siqonda ngqo ukuthi kwenzekani manje, izolo nakusasa. Yingakho ke lomkhosi uyisibusiso , usibisisa sibusiseke ngokomoya.
Ukube lomkhosi usifundisa amanga ngabe uyisiqalekiso kithi usakha ukuba siqaleke njengalena eminye imikhosi yamanga eminingi ezweni lakithi esisiphendule izimpumputhe lapho singazi noma liyaphuma noma liyashona. Kuphela sijule ngamanga nje kuphela.
Ukuthwasa kuyisibusiso yini?
Ukuthwasa kungesinye sezibusiso esikhona ezweni lakithi lapho khona ithwasa lifundiswa ngokujulile ngemvelo nolimi lwayo. Lowo osuke esethwasile waphothula intwaso yeqiniso usuke esebusisisiwe, isibusiso sakhe ulwazi lwemvelo ngokujulile, Yena ubusiswe ugobela wakhe. Ngale kokuhloniza sizokubeka futhi ukuthi ogobela beqiniso bangaba busisi, ngoba sibona ngemibuso yamathwasa abo ukuthi kukhona osuke ewabusisile.
Sengivala ngiyathanda ukuveza ukuthi endulo abazali bethu inhloso yabo uma besiletha emhlabeni kwakusuke kuwukuthi sibuse. Lokhu babekwenza ngokuthi basakhe ngenzindlela ezinhle sisebancane okuyisenzo sokusibusisa size sikhule sibe badala. Namhlanje ngoba lokhu kwavalwa abelumbi baletha isiqalekiso i-bible kungakho sesingasabusi nje, abazali abasilitholi ithuba lokubusisa izingane zabo. Kepha izingane sezembathwa ingubo yomlumbi yesiqalekiso bese zingabe zisabusa. Abelungu futhi yibo abafika no “Bless you”, “God bless you” okungamanga angasebenzi eqinisweni.
Elokugcina lithi lomkhosi uyisibusiso kakhulu kulabo abancane abakhulakho ngoba sebezokhula bengenankungu yomlumbi emehlweni yokuthi kusebusika kube kusehlobo, noma kusebusuku kube kusemini.
Sithi Busa Khemu Busa!
Heru uyabusa ke Mojalefa iNkosana iNkosazana – Solve for X
Aah Ndlovukazi
Aah Nomkhubulwane
Aah Mama Zindzi Mandela
Aah Ngwekati
Isililo Sika Nomkhubulwane ngabe siyisibusiso yini? Ukuthwasa khona? – RaMaSedi
[url=http://www.ger7dn9x94s8s3ah86q204b0m178vg3gs.org/]ulxgspcmwq[/url]
lxgspcmwq http://www.ger7dn9x94s8s3ah86q204b0m178vg3gs.org/
alxgspcmwq