Ngiyakhuleka ku Mdali, Umnini mandla onke, oziqu zintathu, Owavela Kuqala. Ngiyakhuleka ko Khokho No Khokhokazi, Ngiyakhuleka kubona bonke abanebala elinsundu lika Mdali.
Ngike ngaba socingweni ezinsukwini ezedlule no Mntwana u-Sbusiso ka Zwelithini kanye nensizwa yakwa Hlengwa. Njengenjwayelo besixoxa kamnandi ngezindaba zika Mvelinqangi kanye nenhlahla esibe nayo yokumazi sisizwa iKhalenda lokhokho Umazisakazi. Usizi olukhulu yilona olokuthi uMvelinqangi sisusiwe kuye ngamandla amakhulu abelumbi sayiswa kokwabezizwe, esekuhambe kwahamba saze sakubona sengathi kungokwethu kanti chabo.
Indaba ebesiyixoxa ihambe yahamba yaze yafika kulabo baNtu abazalwayo emhlabeni njengawo wonke umuNtu bese kufika isikhathi lapho bengenwe umoya wokuthi bangu Mdali, Umvelinqangi yibona abadale konke okukhona. Emlandweni emhlabeni wonke kugcwele kakhulu lokhu lapho kukhona abathatha amandla ka Mvelinqangi bezimbathise wona, konke okuhle okwenzekayo bethi kungenxa yabo. Nakhona lapha emazweni akithi kukhona lokhu kugcwele kakhulu, sekuphendule izwe lakithi laba inkundla yosizi nenzondo kanye namanga.
Lithi izinyane lesilo “hhawu kukhona yini umuntu ongaphendula isihlahla sibe yitshe na?” Ngiphendule ngithi “kulula Mageba, ngizobheka nje ukuthi ngalena kwalesi esisaziyo e-Free State, zikhona yini ezinye emhlabeni ngoba phela asizazi ezinye sazi lesi esise Free State kuphela”.
Siphoxeke kwasha amathe sesithola ukuthi hhawu lento igcwele emhlabeni wonke jikelele, ngisho amahlathi imbala ezihlahla eziphenduka amatshe ngokwemvelo ka Mvelinqangi.
Lapha nje ezweni lakithi e-Namibia likhona ihlathi lapho khona izihlahla zaphenduka amatshe eziningi ngendlela eyisimanga. Okumangazayo kakhulu ukuthi siyathola ukuthi lesisenzeko asithathi iminyaka eyi-100 noma eyi-200 kepha sithatha amakhulu ezinkulungwane kuye kuzigidigidi zeminyaka!
Lokhu kusiphonsela inselelo njengolusha ukuba singabe sisadukiswa njengoba kwakenziwa kokhokho kwenza abelumbi bekhohlisa bejuqa imiqondo yokhokho ngamanga. Iqiniso lithi into ka Mdali ayihambi ixutshwe namanga kepha uMdali uyiqiniso lonke neqiniso lodwa, lapho kunamanga khona kasekho uMdali, sekukhona oMubi odla igazi labaNtu baka Mveliqangi ebathembisa izinto ezingekho, isigebengu!
Ake sibheke ngezansi izindawo ezinazo lezihlahla ezaphenduka amatshe
- Harrismith Petrified Tree, Free State, South Africa – 250 million years – The tree was found on a farm in the district and was transported to the town hall by Dutch Reform Church together with Voortrekker.

2. Dutch Reformed Mother Church in Senekal in the, Free State, South Africa – 280 million years ago


3. Petrified wood forest at Gokwe Zimbabwe – 200 million years

4. Karoo national Park, Western Cape South Africa

5. Mzamba Fossils In The Petrified Forest, Port Edward South Africa

6. FREE STATE BOTANICAL GARDEN, South Africa , Entabazwe
7. Petrified Forest National Park, Arizona, USA – 200 Million years

8. Lesbos Petrified Forest, Greece – 20 million years

9. Puyango Petrified Forest, Ecuador – 60-70 million years

10. Sarmiento Petrified Forest, Argentina

11. Curio Bay Petrified Forest, New Zealand – 180 million years

12. Joggins Fossil Cliffs, Canada – 300 million years

13. Specimen Ridge, Yellowstone National Park, USA

14. Petrified Forest, Damaraland, Namibia – 280 million years

15. SIbiloi Petrified Forest, Kenya

Ekupheleni kokubuka lezindawana ezingentla sivumelene sonke ukuthi lesisehlo siyisehlo semvelo ka Mvelinqangi. Akekho umuntu ophilayo osengathatha lesi senzo sika Mdali asenze esakhe, ngoba sonke siyaphathwa umkhuhlane, sichathe, sigqume, sihambe siyokhipha amazinyo uma esiphethe noma sifakele amanye amasha uma lawa esinawo esebolile. UMdali yena unguMnini Mandla Onke akanamazinyo abolayo, Uyinto enkulu kakhulu uMdali uYila Langa leli elisemkhathini, ngaphandle kwalo akunampilo lapha emhlabeni.
Lapha ku Dutch Reformed Mother Church in Senekal in the, Free State, South Africa kunehholo lama freemasons eduzane kakhulu elakhiwa ngonyaka wezi – 1914. Yilapho izinto eziningi eziyinkohliso zazakhiwa ezweni lakithi kukhiqizwa amanga okujuqa abaNtu baka Mveliqangi.

Lomsebenzi esiwenzayo siwenza egameni lika Mvelinqangi egameni leqiniso. Zonke izitha zeqiniso azibhekane naye uMveliqangi uSomandla, thina singabakhe kuphela uMdali.
