Ngiyakhuluka emagumbini omane omhlaba, Empumalanga, eNtshonalanga, ENingizumu nase Nyakatho, ngithi akube kuhle kukhanye. Siyakhuleka kuma 2000, Siyakhueka kubona abakhulu baka Mvelinqangi uSomandla onke.
Njengoba emhlabeni wethu siboshiwe izidalwa zasentshona sizithola sihamba ngomqondo wazo lezidalwa. Izikhathi sethu sicinyiwe safana nesingekho kwase kuhanjwa ngalesi salezi zidalwa. Lokhu yikhona okusenza sizithole sesihamba ngokubala kwazo lezidalwa sesithi sisonyakeni wezi – 2023. Ukuze siqonde lokhu kubala kuyaye kufuneke sijule ngemilando yakhona eNtshona ukuze sizothola ukuthi lokhu kubala kuvelaphi.
Lokhu kubala sekuhambe kwaza kwajula egazini nasemizweni yethi, nathi sesibuka ngamehlo alezi zidalwa. Sibuye siqambe izizukulwane ngokubala ngokwalezi zizwe. Lezi dalwa sasungula ukuhlukanisa isikhathi somlando ngokwama Shumi okunguthi kukhona i-decade, century, millenium etc. Yilapho sithola nathi inzalo yethu njengabansundu seyihlukaniswa kanjalo, kuthiwe kukhona ama 1990s, 1980s, 1950s kanjalo nama 2000s. Kulombhalo sifuna ukubhekisisa lenzalo esibizwa ngokuthi ama 2000s.

Isiqalekiso: Ukuzibuka esibukweni
Kukhona into enhle okuthiwa isibuko, isibuko siveza iwele lakho emoyeni kalula, eliyiqiniso ngqo. Ngisho lokhu nje ngoba sisesikhathini lapho wonke umuNtu onsundu ekhala ngokulahleka kwenhlonipho kulesi sizukulwane sama 2000. Akunhlonipho nje kuphela kepha nezenzo ziyethusa ngendlela eyisimanga, okuningi akukhulumeki ngisho ukukhulumeka. Bonke abadala bayakhala kakhulu ngalensambatheka, kuyacaca futhi asikho isixazululo ngoba ukube sikhona ngabe sesisetshenzisiwe.
Iqiniso lithi lokhu kuziphatha kwalesi sizukulwane kufana nesibuko salabo abawazalayo ama 2000. Nabo bayisibuko salabo ababazalayo njl njl. Ama 2000 azalwe ngesikhathi kuthiwa kunenkululeko nezingane azingashawa. Abazali abakaze beshaye itoyitoyi bethu asiyivumi leyondaba, bagcina nje ngokutekula emakhaya. Baphinda abasephalamende bathi izingane seziyoba nelungelo lokwenza noma yini eziyithandayo nalapho abazali abakaze bethathe izinyathelo bevale izwe bekhuza lomhlolo. Manje ke ama 2000 ayizithelo zokungasukumi kwabazali bawo, uma uMveliqangi namathongo esehlulela ngibona icala libekwa kubazali.
Ukufa okukhandwa amasiko bezizwe kakhulukazi amasonto
Uma sibheka lesikhathi lapho abansundu bebephucuka khona beshiya konke lokhu komdabu bethi sebethole “unkulunkulu/ujehova”, kuyavela emlandweni ukuthi sisithola kakhulu laphaya kubona abazali bama 2000 nangaphambili. Ngama 50s kuya emuva belisekhona kakhulu iqembu lika Mvelinqangi, uMdali. Noma abadungi boluNtu bese bekhona kepha akufani nalesi khathi esilandele lapho. Lokhu kulahla lendlela yokhokho esuka kude bengafiki lapho abasentshona yikho okukhanda kuthiwe sekukhona amaphara, nayo yonke imigilingwane esiyibona ngamehlo.
Amasonto afike ajuqa ubumbano kubaNtu bakaMveliqangi abafundisa imfundiso ze yebhayibheli, isiNtu saphendulwa into embi eqhatha abaNtu no Jehova unkulunkulu wasentshona. Namhlanje awanaso isixazululo sokufa kwezwe bonke bathi ithi incwadi yethu sekuyizikhathi zokugcina. Umbuzo uthi ezokugcina kwani? ngabe ezokufezwa kokudicwa kwabaNtu abansundu? Lama sonto ndini afike abulala ngisho ubukhosi, kwase kuthiwa inkosi isencwadini yebhayibheli noma emkhathini ezulwini ihlezi esihlalweni ilinde abayikhonzayo.

Ama 2000 ke ayisibuko salokhu, uMvelinqangi namathonga akhombisa wona ukuthi akuhambi kahle lezindlela ezintsha azisebenzi! Okuthusayo ukuthi noma sekuvele lokhu akekho okushaya indiva, yilowo nalowo ulwela ukulala edle i-nandos ekhaya lakhe. Lokhu kuyodala ukuba isizukulwane esizayo sisinyanye kakhulu lesi sethu uma kungukuthi siyoba khona. SIyothi uma sibuka emuva sibuka ama video ethu sidansa ku Tiktok sishaya amahlaya ko Facebook bebuke inzondo nobudedengu bethu. Thina sibe khona ngenxa yegazi eliningi lokhokho bezama ukuthi akungabi uthela wayeka wasentshona, singabala iNkosi uBhambatha ka Mancinza, sibale inkosi uSekhukhune, sibale iNkosi uMatiwane nabnye abaningi ababephehla impi yokuvimba lokhu konakala.
Ama 2000 aphila lendlela ayiphilayo nje ukwenza kwethu bazali ngokungasukumi sihlangane sikhuze imihlola egilwayo phwezu kwethu.
Amaphara, nokuningi ububi okukhona ezweni lakithi kukhandwe amasonto okuyiwo afike ajuqa usikompilo lwako BaNtu loBuNtu akhanda “ukukholwa” “nezulu lika jehova, nkulunkulu”.
Amasonto (church) ayinto yase ngilandi, awukwazi ukuba nalo uliphathe ungagunyaziwe engilandi ngesitifiketi. Kulesitifiketi uyafunga izifungo zasengilandi zokuthi uzodica isizwe sakini ngokufundisa inqubo yasengilandi kajehova.
Ngo 1994 kwakumele kuvalwe amasonto nebhayibheli uma kuthiwa kubekwa izikhali phansi ngoba lezi zinto ziyizikhali zembubhiso yezidalwa zasentshona. Kwakubizwa kuthi ama “Mission” ngoba kuyinxenye ye-millitary work. Yekwe kanjani lama “missions” engavalwa kepha kuthiwe impi iphelile sekukhululekiwe?