Isiqalekiso: What is a curse?

Nina baka Mvelinqangi, uSimakade, uMninimandla Onke ngiyakhuluka kini MaKhosi nama KhosiKazi

Ikhona indaba ebucayi newkhuni kakhulu cishe ukwedlula zonke ezinye izindaba. Lena indaba yesiqalekiso okuyinto enamandla okushisa amanzi emfuleni, ibulale imfuyo, izilwane zasendle , imvelo, izakhiwo kanye no Luntu uqobo lwalo. Ezinsukwini ezimbalwa siye saloba kabanzı ngenhlambuluko ukuthi iyini Kanye nezigaba zayi ezintathu. Ukuqonda inhlambuluko kuyisisekelo esibalulekile ekuboneni ukuthi yini isiqalekiso nezimpande zaso. Lapha kulombhalo sizozama ukuthi sihlahlele inhloko nesixhanti. Sizoqala ngokuthi sike sibuke ibizo uqobo ukuthi ngabe okhokho bethu balakhe kanjani, sibuke ukuthi siyini isiqalekiso kanye  nezinhlobo zaso, mhlawumbe bese sibheka nokuthi selashwa kanjani isiqalekiso.

Ukwakheka Kwe bizo – Isiqalekiso

Lelibizo livamile ukusetshenziswa kakhulu ezindaweni zokusonta inkolo yasentshonalanga, liyaye lembeswe abaNtu bomdabu ukuthi uma bephambana nemiyalo yasentshona bazoqalekiswa. Kuyaye kuthi ngokungakhanyiseleki bese lokhu kusatshiswa kuba bukhulu kwesabeke kuhlonishwe. Nasemakhaya omdabu leligamu likhona lisuka emandulo ethu. Uma silibuka lelibizo siyezwa emsindweni ukuthi umsuka walo ibizo elithi “qaleka”. Lesi siqu sivamile ukusetshenziswa uma isihlahla sisha ngokuswela amanzi, bese kuthiwa siqalekile kanti futhi livamile laphaya kubaNtu ababhemayo uma sekunomuzwa wokuthi kushoda ugwayi egazini bese bethi baqalekile. Zikhona nezinye izindawo lapho lisebenza khona leli bizo, kepha lezi zimo yizona engizibalayo ngoba zivamile kakhulu.

Kuyacaca ukuthi ngokusebenza ezimweni ezehlukile zenkulumo kanye nezenzeko ezehlukile leligama lithola izimo ezehlukile kanye nezijobelelo ezehlukile. Njengokuthi uma lisetshenziswa kubhekiswe esihlahleni esishayo kuthiwa “Siqalekile” uma kungumuntu esedinga ukuthi akabheme kuyaye kuthiwe “uqalekile”. Uma lisebenza esimweni sombuzo mhlawumbe ukuthola ukuthi yini eshise isihlahla singasho sithi “Isihlahla siqalekiswe yini” noma umuNtu “Uqalekiswa yini kade ebhema manje?”. Impendulo engaphuma kule mibuzo ingathi “Isihlahla siqalekiswe ukuthi amanzi asisawatholi” kanti ukuphendula owesibili umbuzo singathi “Uqalekiswa umzwangedwa yikho ebhema njalo”. 

Kuhlala obala njengonogwaja ehlungwini ukuthi isimo sokungatholi amanzi esihlahleni siyisiqalekiso esihlahleni kanti nesimo somzwangedwa kumuNtu obhemayo siyisiqalekiso ngoba yisona esimqalekisayo.

Yini isiqalekiso?

Isiqalekiso yinoma yini eqeda impilo entweni edaliwe, noma ephazamisa impilo njengokwenziwa uMdali ngo Mthethokazi wemvelo waphakade. Lokhu kuxuba lezibonelo esizibale ngentla kanye nokunye okuningi njengempi noma imbi, nezenzo zonke ezenzelwe ukudunga isimo semvelo. Isenzo sokulimaza umqondo womuNtu siyisenzo sokuqalekisa ngoba lomqondo odungiwe awusahambi ngokuka Mdali kepha usuhamba ngokufisa kwalowo ongumdungi. Ukuphuca abanye umhlaba, ukuqamba amanga konke lokhu kuyinhlobo zesiqalekiso ngoba kulwisana nendlela yemvelo. Labo baNtu abasuke sebephathwe ngalezi zenzo bangabaqalekisiwe ngoba basuke sebeqalekile, beqalekele umhlaba kanye nempilo injengoba injalo (reality). Nezilwane nemvelo yonke nayo iyabhekana neziqalekiso okungaba ukuphenduka kwesimo somkhathi mhlawumbe bese kuthi indawo ethize ingabe isathela ngoba izimvula azisafiki khona kumbe iLanga alisafiki khona. Zonke lezi zenzeko zokuphazamiseka kwempilo yemvelo zidala ukuqaleka okuthize, kanti lokho okusuke kungumphenduli noma umphazamisi khona kuyisiqalekiso.

Ngiyathanda ukusebenzisa isibonelo sasezweni lase Libya njengesibonelo sokuqaleka, kanye nesiqalekiso. Kuleliya lizwe kuke kwaphilwa kahle ngendlela eyisimanga kunezinto eziningi ezenza impilo ibe yigugu ukuyiphila. Ngalesi sikhathi bekunomholi wakhona u Col Muamar Gaddafi lomholi ubeyaye afundise kakhulu ezinkundleni zomhlaba ngezitha zezwe lase Afrika ezingafisi ukubona okuhle e Afrika. Kanti ubeqoqa kakhulu umnotho uma sizwa ngandletshana, ewuqoqela izwekazi lase Afrika ukuba lizimele. Kepha kwafika isikhathi lapho izitha zikhetha ukuthi kumele aye kwagoqa nyawo. Kuthe ngesimo sokuduswa komqondo wabezwe lase Libya nempela lomholi isizwe sakhe sambona njengesitha kwaba yisona esimcoboshisayo samgodusa. Emveni kwalokhu akukho okuhle okokhona kuleliya lizwe. Nanamuhla-lokhu kuqhuma inganono, kubhidlike yonke into ekhona, kwaze kwasha imifula!

Manje lelizwe singasho singahlonizi ukuthi liyizwe eliqalekisiwe manje. Liqalekiseke kabini, okokuqala liqalekiswe ngokuthi lidungwe umqondo, okwesibili kwaba isenzo salo sokugodusa umholi waso obenesandla esihle ekubaphatheni. Iziqalekiso ezimbili lezi ezibelethene, ngoba isiqalekiso sibiza esinye, bese zithelelana nangokomoya uzwe sekukhona imikhokha ethize kanye nokhondolo.

Selapheka kanjani isiqalekiso?

Sizokhumbula endulo bezihlonishwa izinjula zesiswe zinikwa indawo yazo ejulile. Beziqhamuka ngezinhlobo ezingafani ngoba bekuba zimbongi, izanusi kanye nobuKhosi. Laba baNtu bekuba abantu abaphiwe ukujula ngokomqondo kanye nokomoya. Bebekwazi ukubuka ukuthi kuzokwenzekani eminyakeni eyikhulu noma inkulungwane ezayo. Bekungagcini nje lapho bekuba abaNtu abazi umlando ngokwedlulele babuye babe zinjulalwazi. Lokhu yikho vo obekwenza isimo esithile esiyisiqalekiso basivale, basivimbe, basikhuze singakachumi noma singakaqali nakuqala. Ngaleyondlela bekuba ukuthi isiqalekiso sehluliwe singakaqalekisi.

Enye yezindlela bekuba ukuthi uma sesithole indlela sangena isiqalekiso bese kwenziwa inhlambuluko. Lapha sokwenziwa uhlobo lwenhlambuluko yokukhulula umoya kanye nomqondo. Kukhuzwe lesisenzo esibi esiyingozi sivalwe singakadali umonakalo. Bekungagcini futhi ngenhlambuko, bekuyaye kuze kubekwe imigoqo yokuthi sivinjwe singenzeki , kanje noswazi lokuthi sisatshwe size sehlulwe emqondweni nasemoyeni.

Sengiphetha ngiyathanda ukuveza ukuthi isiqalekiso siyisigebengu esikwazi ukuthi singene kalula njengento enhle kepha enesiphetho esibi. Kubalulekile ukuthi sonke sibhekane nokuqaleka esibhekene nakho ngabanye ngabanye bese sizama izindlela zokulwa neziqalekiso zethu. Umdali usiphile izindlela zeqiniso ezingadingi mali zokulwa neziqalekiso zempilo, kumele sizifune sizisebenzise. Kuhle futhi ukuba sijwayele ukuthi singabi iziqalekiso kwabanye kepha sibe njengezibusiso, sizoxoxa ngokuzayo ukuthi yini isibusiso ngokweqiniso lika Mvelinqangi uMnini Mandla Onke.

Ngiyakhuleka ku Matiwane Ka Masumpa

Vuka ungikhanyisele Ngwane Ka Ngwadi

One thought on “Isiqalekiso: What is a curse?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

error: Content is protected !!