AmaLangeni – Izazi Zase Afrika – Shining Stars of Afrika

Ngiyakhuleka ku Mdali, Umnini mandla onke, oziqu zintathu, Owavela Kuqala. Ngiyakhuleka ko Khokho No Khokhokazi, Ngiyakhuleka kubona bonke abanebala elinsundu lika Mdali.

Ngithanda ukwedlulisa ukubonga okukhulu kulabo baNtu abakwazile ukufika bezothamela umsebenzi wokwethulwa kwalencwadi yokhokho. Lomsebenzi ube yintokozo kanye nempumelelo enkulu ngendlela obuhlelwe ngayo. Ngifisa sengathi kungangami obekwenzeka izolo futhi kungagcini kimi kuphela kodwa kwenabele kubo bonke abaNtu.

Izazi Zase Afrika, Izinkanyezi

Read More gekmovement.org

Igama lalencwadi lisuka ekujuleni kokucabanga kwethu, lapho ukukhanya sikuthatha njengempilo uqobo lwayo. Sekukaningi ke sitshelwa ngezazi ezinebala elingensundu elisangulube. Namhlanje uMvelinqangi usiphile ukuqonda iqiniso lakhe saloba incwadi ngezazi Zezwe lakithi. Uma sibukisisa, silaleka igama elithi Izazi liyisimo sobuningi begama elithi “sazi”. Isazi sona yilowo osuke enolwazi bese simubiza sithi uyisazi.

uMkhulu Credo MuThwa uthi okhokho bethu bathi uLwazi luvela oLwandle, okusafakaza ubukhulu nobubanzi boLwazi. Kepha futhi siyaye sithi uma sesithole uLwazi “sekuyakhanya manje sengiyabona”, Lena indlela yabaNtu abansundu yokwazi. Ngakho ke Incwadi ikhuluma ngabo abase Langeni okuyibo bonke abansundu abanomthwalo nomsebeni wokukhanyisa njengelanga , njengezinkanyezi lapha emhlabeni. Incwadi yokhokho le ikhethe izinkanyezi ezingama-67 zemikhakha ehlukene ukuze umuNtu onsundu abone ukujula kwakhe njengomuNtu avuselele ubuyena. 

Ukwazi okukhulu ukuzazi wena ungubani, okungukuthi wazi konke oxhumana nakho ukuthi uxhumana kanjani nakho nengaphakathi lakho. Singabala ulwazi ngegolide, ngedayimane, ngayo yonke incebo ka Mvelinqangi ayibeke emhlabeni wethu, sibale amanzi, sibale umoya izihlahla njalo njalo.

Ukubaluleka kwezazi zase Afrika ezinganeni zabaNsundu

Kukhona abaningi endulo nabo abaseLangeni esebeke bazama ukuthatha izinganekwani zasentshona bezimbathise ingubo ensundu, bashintshe ubuzwe babo bomdabu bazibize ngobuzwe babelumbi entshona njl njl. Lokhu kungenzeka babekwenza bezama ukubuyisa ithemba ezinganeni kepha iqiniso esilibonayo lithi lendlela ayisebenzi futhi ayilunganga. Namhlanje sithi ngalencwadi ake siveze amaQamatha angempela, aphilayo esingawabamba ngezandla sixhawule! Abantwana babaNtu ababone injulo ephelele ngamandla omuNtu omnyama kubhalwe phansi into eyisiminya. Lokhu njengezizwe zabelumbi kovusa umoya ebantwaneni bethu bezithane bengabe besafisa ukufana nalezidalwa esizehlulayo ngokucabanga. Lencwadi izoba yisisekelo nobufakazi obuqanda ikhanda, isebenzisa izinkondlo, nolimi olushelelayo kithina.

Zitholele yona ngemadlana engu R230 nje kuphela.

Siyabonga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

error: Content is protected !!