Ngiyakhuleka ku Mdali, Umnini mandla onke, oziqu zintathu, Owavela Kuqala.
Ngiyakhuleka eManzini, Ngiyakhuleka eMlilweni, Ngiyakhuleka eMoyeni, Ngiyakhuleka ku Ngabathi.
Ngokukhulu ukuzithoba nokuhlonipha ngifisa ukwedlulisa kafusha izibongo esizweni sonke sabansundu ngokukholelwa emsebenzini esiwuphiwe sawuphathiswa amathongo wezimpahla zawo zasendulo. Konke lapho nithathe khona sithi akwande, kube kuhle kukhanye, enikwenza ku Somandla Clothing nikwenze nakwabanye ningaphezi. Niyavuthela amathonga ukuba aqhubeke akhuluma lokho akukhulumayo kithina, Siyathokoza siyakhonza kini ndlu yakithi.
Mkhulu Nsingiza explains ancient sites found in Mpumalanga. He highlights Inzalo ye Langa and Intaba kayikhonjwa.@GEK_movement @MNsingiza
— Paul Mnisi 𓋹𓍑𓋴 (@Mnisi__weMvula) August 19, 2023
House of Sankofa (YouTube) pic.twitter.com/jY4PcjECRi
Incwadi yomoya
Okhokho no khokhokazi bethu basishiya neziningi izincwadi emhlabeni zomoya ezifundeka kuphela kulabo abaneso lomoya elibonakho. Uma lencwadi yomoya umuNtu eseyifundile i-Khandanto (head) libe selithola ukwazi uku-khanda izinto ezithize. Uma ufunda incwadi embi yabelumbi uba nendlela yokukhanda okubi kepha uma ufunda eyomoya yokhokho ukhanda okuhle.
Kunezinhlaka nabathile lapha emhlabeni esibabekelwe amathonga ukusikhanyisela basihlanze amehlo omoya. Siyakhonza siyabonga kakhulu kubo ngomsebenzi ongelinganiswe nalutho. Laba bathwasisi bomoya yibona abasipha ukukwazi ukufunda incwadi yomoya. Lesi sigaba sokufunda incwadi yomoya yisigaba okumele sifikelele kusona sonke njengabansundu ngoba kulapho sisuka khona sonke.
Iqiniso nomnyombo wokufa
Izitha zethu thina abansundu zasinqoba ngokuba zikwazi ukufohla zingene olwazini lwethu lomoya. Enhliziyweni yomoya kukhona ukuqonda ngokufa ukuthi kuyini kusho ukuthini. Imvamisa namhlanje kuyaye kuthiwe ukufa akukho, empeleni kusuke kubhekiswe kulokho kufa okuchazwa abamhlophe (death).
Uma sibuka lelibizo elithi ukufa silithola kuzona zonke izizwe zabaNtu ngemibalabala ehlukene.
Swahili – Kifo
Shona – Rufu
SeSotho – Lefu
Tsonga – Rifu
Igbo (Nigeria) – ọnwụ
Lingala (Congo) – Liwa
Nyanja (Zambia,Malawi) – Imfa
Oromo (Ethiopia) – Du’a
Ganda (Uganda) – Okufa
Xhosa, Zulu, SeSwati – Ukufa
Uma sibuka ngenhla kuyacaca ukuthi lelibizo liyibizo labaNtu bonke jikelele. Uma silihlakaza lapha emnyombeni walo sithola umsindo ka “Fa” / “Fu” / “Wa”. Lapha u “Wa” no “Fa” uyinto eshintshanayo olimini lwesiNtu.
Lelibizo uma sibuka olimini lwabansundu siyalithola ukuthi lisho lokhu esesikwazi esilungwini ngokuthi yi “Wave” (Ukweba isiNtu sethu), olimini lwase Afrika kubizwa kuthiwe yi “wafu” kanti i-wafu cishe edumileyo kakhulu yiyona lena esizibiza ngayo uma sithi singabakwa “Ntu” / “Nu”. U-Ntu uyi wafu ebekwaziwa ngabansundu ukuthi iyona engumsuka wakho konke.
Kanti futhi bebethi okhokho uma ushabalala “uya-wafu” noma uyafa okungukuthi uphenduka noma ubuyela ku-Ntu uphenduka i-wafu (wave) lapha owuqhamuka khona emoyeni.
Ukufa akukhona okwabaNtu kuphela kepha yonke inzalo ka Ntu okuyimvelo yonke iyafa ngezindlelandlela ezehlukene nagezikhathi ezehlukene.
Ngakho ukufa kuqonde ukuthi “becoming a wave”. Ukufa ukushona emoyeni, ukufa ukushona ku Ntu emathongweni nasemadlozini lapho sisuka khona.

Ukuwa, ukufana
Ngenhla sike saveza ubunye phakathi kokufa kanye kokuwa, lamabizo ngeqiniso asho into eyodwa impela. Uma sibuka indawo okuthiwa iwa noma isiwa, lendawo yindawo esuke inesimo somoya (wafu/waves) lapha ongathi uma uwisa noma ufisa okuthile bese kuntanta emoyeni bese sithi kuwile noma kufile.
Manje ke uma sithi izinto ezithize ziyafana siqondeni na? lapha siqonde ukuthi lezi zinto zine wafu (wave) eyodwa noma ecishe ibe yodwa.
Isifo kanye nomufa kaNtu (UmfaNtu)
Uma sibheka ngeso lokhozi Iso Likamoya kuyacaca bha! ukuthi yini isifo. Uma kukhona ofile washona ku Ntu kuyaye kuthiwe kunesifo nalapho kulowomuzi kuyaye kuthiwe kusesifweni. Lokhu kungukuthi kusuke kunesimo somoya kulowo muzi lapho umuNtu ephindele lapho evela khona.
Uma siphinde sibhekisise umfaNtu yibizo leli eliyaye libhekiswe imvamisa uma kukhona utho oluklayekile bese kwedlula iwafu noma umoya konke lokhu kuyazicacisa ukuthi kuthini manje.
UMveliqangi nokufa
Umveliqangi konke ukufa okwenzekayo kuyalobeka kuyena. Konke okwephula umthetho womoya wokufa uMveliqangi uyakubona bese eba nezijeziso zakhona emathongweni. Lempilo abansundu babeyazi injengoba injalo bephila ngokuyihlonipha yonke, namhlanje akusenjalo sesilahlekelwe ubudlelwano neqiniso.
Uma sibheka ulwazi lokhokho lobuthathu (trigonon-metron) (trigonometry) lapha khona kujulwa ngezinhlobo ze-wafu (waves) ezehlukene. Lolulwazi okhokho bebeluphefumula belukhipha ngamakhala ngoba yilona olwezwe lika Ntu.
Singakubeka singahlonizi ukuthi ukufa ukushona ku Ntu yi-trigonometry!
Sesivala, uthi omunye usolwazi
“Uma abaNtu abansundu besasaba ukufa bayohlale bebuswa yilabo ababathembisa ukubahlenga ekufeni”
