UMCULO WesiNtu ngeke uphinde ufane nakuqala kulandela ukudlula emhlabeni kwengwazi yomdlali wesigingci sebhesi u-Aaron “Maqhude” Mkhize, obedume ngeleNdlala Beyiduda Beyithengel’ Amasaka, Usoka Lentombi Beyilaph’ Endlini.
UKhuzani uthe kubuhlungu futhi akukholakali, esizokhumbula ubembiza njalo uBaba umaqhude ezingomeni zakhe. Abafana BakaMgqumeni bathe ngeke bangakhali ngoba balahlekelwe kakhulu ngoMaqhude.
Kanti ne Nkosi yomaskandi i-Gcokama Elisha lizwakalisile kakhulu ukukhala nalo labala ama-album elisebenzisane naye uBaba uMaqhude kuwona. Nabanye abaculi abaningi bazwakalise ukukhala beveza nenhlonipho obenayo ubaba uMaqhude kubacilo bawo onke amazinga.
Leli ciko laKwaMaphumulo, e-KZN, liqale ukungena liphuma ezibhedlela emuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi ngo-2020 kangangoba ligcine lingasakwazi ukukhuluma kahle nokuzenzela izinto.
Waqala ukudlalela izinkakha zabaculi ngabo-1970. Kusukela lapho uMaqhude akaphindanga wabheka emuva, ugcine esedlalela abaculi abaningi okubalwa kubo Igcokama Elisha, oMtshengiseni Gcwensa, Mgqumeni, Ntencane, Izingane Zoma, Ofeleba, Abakhwenyane, Zanefa, Amabongwa, Abangani nabanye abaningi.
Ngenxa yobuchule nobuciko bokubhambabula isigingci sebhesi, uMaqhude waze wahlabana ngomklomelo weBest Bass Guitarist kuMantshontsho Kamaskandi Awards futhi wahlonishwa nguMasipala waKwaMaphumulo ngeqhaza lakhe ekuqhakambiseni le ndawo.
