Globe Earth: Isimangaliso se Nzalo Yelanga yokhokho Bethu, Yethu

Ngiyakhuluka emagumbini omane omhlaba, Empumalanga, eNtshonalanga, ENingizumu nase Nyakatho, ngithi akube kuhle kukhanye. Siyakhuleka kuwe Nzalo Yelanga, Siyakhuleka kuwe Mkhulu Credo Muthwa, Siyakhuleka kuwe Mkhulu Nsingiza.

Ukube ngaphiwa ukubongela kahle ngabe ngiyabongela ngezwi elikhulu lamaqhawe asikhulule emaketangweni okuboshwa abezizwe umqondo. Ukube ngiyakwazi ngabe ngibongela iNzalo Yelanga, uMazisakazi wokhokho, wethu.

Sihlezi phezu kwesibusiso esadalwa okhokho bethu emandulondulo, lesi sibusiso basakha basibeka entabeni encwele yenjulo yempilo. 

Isimo sokulinyazwa komqondo wethu sesikhande ukuba singazi noma liyaphuma noma liyashona, asazi noma ubusika noma ihlobo. Asigcini lapho, kepha ukwazi lezizimo zesikhathi sesikuthatha njengento engenamsebenzi walutho ngoba sithi “akukhokhi imali akucebisi”. UMkhulu Nsingiza wenze umsebenzi omkhulu kakhulu emhlabeni jikelele wokusixhumanisa no Mveliqangi ngqo! sibe munye naye ngokwazi ukuthi simbone uMvelinqangi ngamehlo enyama nawomoya sikwazi nokubona izimo zakhe ezahlukahlukene. Lomsebenzi awukho umsebenzi ongafaniswa nawo kulesikhathi esikuso. UMkhulu Nsingiza wenza lomsebenzi nje uwuthatha laphaya ku Mkhulu Credo Mutwa obekade ejulile kakhulu ekutheni awavuleke amehlo abaNtu abansundu bezazi ukuthi bangobani. 

Inzalo Yelanga, Umazisakazi

Lendaba ka Mazisakazi iyindaba enkulu ukwedlula yonke into ekhona eseyake yakhandwa ngezandla zomuntu selokhu kwathi nhlo! Eduze kwawo Umazisakazi kukhona izintaba eziqanjwe ngokuthi i-Makhonjwa Mountains, lezi zintaba zihlolwa zatholwa ukuthi zibalelwa ku 3-4 billion years ago, Kanti futhi zinotho oluthile olungatholwa ndawo emhlabeni wonke. Lezintaba ziwubufakazi obuqanda ikhanda lokuthi imvelo ukudaleka kwayo kuqale lapha esikhona eNingizimu. Inzalo yelanga nayo siyithola khona laphaya bezu kwazo lezi zintaba kuxhuma nezintaba zokhahlamba. Kunzima ukubona konke lokhu ngoba emiqondweni yethu kunesithombe se-map yesitha. Kodwa uma siyibeka eceleni konke lokhu kuhlala obala njengonogwaja ehlungwini.

Siyathola ukuthi lelikhalenda lokhokho, lethu, liyinto endala kunayo yonke into ekhona emhlabeni eseyake yakhandwa ngezandla. Okhokho balakha kudala kakhulu eminyakeni cishe eyizigidi eyedlule, kanti lingumgogodla wempilo nobuhlakani boluNtu. Yilona elenza okhokho babone okungabonwa, bazi okungaziwa muNtu. Nanamhlanje lisahamba phambili ekwenzeni umsebenzi walo. Injulo yonke ephelele ka Mazisakazi iyatholakala ku https://gekmovement.org/shop

Nzalo Yelanga umbhuli osheshayo (realtime spiritual state analytics)

Ngokuba iNzalo yelanga yakhelwe emvelweni imunye nemvelo lokhu kuyenza kungabi nokuchitheka kwesikhathi uma isitshelo ngesimo semvelo (no latency, delays). Uma sibuka uLwazi lokhokho bethu lokuqonda ukuthi umhlaba wethu usabhola, uyindilinga njengelanga futhi uyantanta siyathola amandla amakhulu alethwa iNzalo yelanga. Umhlaba wethu uyahamba endleleni yawo ka Mthethokazi uzungeza ilanga, uyalotha, uma uphazamiseka kulendlela kungonakala kakhulu. Noma isimo sawo siphenduka kubalulekile ukuba njengabaNtu sikwazi lokho sicwaninge ukuthi kuyoba namthelela muni kithina njengoluntu. Ngakho iNzalo uma uyifunda uyakwazi ukubona ngisho umhlaba wethu ushintshe ukuma kwawo (axis angle). Noma kungathiwa uphumile endleleni yawo lokho ungakubona ngqo kuyona iNzalo ngoba ilanga uma liphuma liyasho ukuthi liphumaphi kanjalo noma selishona. Lokhu iNzalo ikwenza ngaphandle kwama battery kepha ikwenza ngobuhlakani bokhokho.

Nzalo Yelanga: Ubumbulunga kanye nokuntanta ko Mhlaba

Ngokulimala komqondo wethu njengabaNtu abansundu sesize sacula ngomanye nezitha lapho zithi umhlaba wethu umile awunyakazi, futhi awuyona imbulunga kepha uluqwembe. Chabo bo! iqiniso lokhokho liyaphika lithi akunjalo, lokhu sikuthola olimini lolu abasishiyele lona, sithole ezintweni abazakhili, kanye nalezo abazibhalile. Njengoba sibona ilanga emkhathini wezulu lingabanjwe ntambo, futhi lingasekelwe kutho kanjanlo nenyanga nomhlaba wethu unjalo. Ilanga alichitheli libhidlike ngokuba kukhona lawo mandla alibambile alihlanganisa lajula, lokho okuphumayo kuncane kakhulu (ukukhanya) kunalokho okusele ngaphakathi kulo. Kunalamandla amakhulu alibambile ukuba lingayi ndawo lingaphephuki kepha lizinze lamandla yiwo lawa abambe konke okunye okukhona amandla engoma, uMvelinqangi esithola ukuthi iLanga yilo eliyimfihlo yayo lengoma lapha emkhathizweni wethu. Umhlaba wethu ubanjwe yiwo lamandla ukuthi ube yibhola nje elintantayo.

Thina esiseNingizimu sibuka ezansi kepha ngesimo samandla (gravity) sinamathele emhlabeni njengoba sibona konke esikuphosayo kungemuki kepha kubuyela phansi. Abasenyakatho nabo baphila esimweni esifanayo ngaphansi kwalamandla. Lapha umhlaba unqamuka phakathi naphakathi bese kuba sobala ukuthi izulu esilibonayo alifani ngoba thina sibuka eningizimu, kepha ngalena babuka inyakatho senziwa umumo womhlaba. Lezi zinkanyezi ezingezansi ziyakucacisa lokhu ngoba ezinye ezaseningizimu bese kuthi lezi ezinye ezasenyakatho kuphela, ukube sisoqwembeni ngabe akunjalo ngabe sibona izulu elilodwa elifanayo nezinkanyezi ezifanayo.

Umkhathi nezinkanyezi zase Ningizimu

The Milky Way’s bright centre

Alpha Centauri

The Southern Pointers

Crux (Southern Cross)

Jewel Box cluster

Coalsack Nebula

Canopus

Small & Large Magellanic Clouds

Eta Carinae & the Southern Pleiades

Zeta Reticuli 

Umkhathi nezinkanyesi zase Nyakatho

Ursa Major,

Ursa Minor(North Star, Polaris), 

Perseus, 

Lynx, 

Draco, 

Cepheus, 

Cassiopeia, 

Camelopardalis  

Auriga 

Busa Mveliqangi Somandla busa!

Phela Manga abazizwe Phela!

Busa Nzalo Yelanga Busa!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

error: Content is protected !!