Nina baka Qamata emhlabeni jikelele, Siyavusela sithi akube chosi kube Hhele!
Kuthiwa ngesi SiNtu, ithi ingaba nkulu ingabe isazekeka! Kunjalo namhlanje uNomkhubulwane, Sopdet usivulele umnyango we – Akashic records ukuthi sibone imfihlo ngathi. Ngisho kanjena nje ngoba siyisizwe esisebumnyameni ngokomoya. Nokungebani kufika kuzisikele lapha kithi kusithathe kusibhekise lena nalena lapha kuthanda khona. Lokhu akumnandi nhlobo ngoba kuyasithena amandla (demoralising) ngenga BaNtu. Izinqwele nezazi ezindala amazweni akithi zonke zikugcizelele kakhulu ukubaluleka ko mlando wethu njengabo Mdabu kwelengabadi.

Kunenkinga enkulu esibhekene nayo yalokho okwaziwa ngokuthi yi – “Divide and Conquor”, lenkinga isembethe sonke thina bansundu seyaze yangena ezibelethweni zomama kanye nasemasendeni obaba. Namhlanje singabhala izincwadi ezingaphezu kwama “bible” ngendaba yokuhlukaniswa siklaywa ngezindlelandlela eziningi. Kepha ngiyabona ukuthi thina sesiyileso sizukulwane esizothatha amandla abuyele kwaNtu. Lokhu ngikushiswo ukuthi izinga kubantu abayintsha liphezulu ngendlela eyisimanga lokuzifuna lizazi ngokweqiniso, akusekho muntu wakuvimba lokho. Sihlalelwe enkulu inselelo ukuba sichome omama kanye no baba abalwa njalo ngaphambi kwethu bezama, belwa ukuthi asikhululeke emaketangweni omqondo. Nalabo esebenda sithi akubekho ubuhle ngemisebenzi yabo emihle abeyenzile besadla antlamvana.
Ngiyafisa nami ukugadla ngesagila ngigwaze ngeklwa kulendaba yenhlukano, ngigadla ngethemba, nangesibindi nje ngiyazi ihawu lami lokuvika Umvelinqangi, iNkosi yamadlozi onke. Nansi indaba isolimi lwethu, uma silubuka ngamehlo ethu emvelo okungesiwo awebelumbi sithola lukhulu.
Kunabelumbi abasicanayo bethi kukhona uhlobo oluthile noluthile, beze beqone bethi bonke abaNtu beNguni bayafika lapha eNingizimu babekade behlala enyakatho kuphela. Ngokomdabu wethu vele siyahambahamba kepha kungamampunge ukuthi kukhona isikhathi lapho besingekho khona eNingizimu.
Kulesibhalo sizosebenzisa ulimi ukuqagula ngale kokushendeza ukuthi sonke siyinzalo ka Ma kepha bese sihluka ke ngemizi ngemizi. Ake sibheke isiZwe senzalaBaNtu abaThwa okuyisizwe se Langa no Ma sokuqala, uma sibheka siyaye sithole kukhona ababizwa kuthiwe -!Xun kanye no Khwe noma Khoe. Kukhona abathi ukuthi Khwe kusho ulimi olukhulunywa inxenye yabaThwa ababizwa ngokuthi Khoe. Abanye bayaye bethi ukuthi “Khwe” ibizo elisho owesilisa olimini lwabaThwa okugcine bebizwa njengesizwe ngalo.
Manje okwethu ukubuka kuthini kulendaba? Uma sibuka lelibizo siyalithola ezilimini eziningi zesiNtu lisho into efanayo, okungu “MuNtu”, noma owesilisa. Ake sibheke izibonelo ngezansi:
iKhwe – eKhweni – umuKhwe – umKhwekazi – uMkhwe-nyana
Lolu ulimi olusebenza kakhulu kuma Nguni, okuwulimi olusuke lubheke emzini ozala owesilisa osuke eganwa. Luwulimi olusetshenziswa uhlangothi lowesifazane. Singasho sithi yonke imizi kuse Khweni ngoba yonke ingamaKhwe kothile. UmuKhwe ongubaba walowo wesilisa oganwayo, kanti lona oganwayo ungu Mkhwe – nyana, UMa yena ubizwa kuthiwe uMkhwe-kazi. Leligama yilona uqobo leli esilithola esizweni sabaThwa lisebenza ngendlela eyodwa. Leligama liyasivezela ukuthi nathi singabeNguni singaba Khwe, Khwekazi sibuye sibe aba Khwe-nyana. Uma ke singeyiyo into eyodwa, singazalani kuvelaphi lokhu kuxhumana okujule kangaka? Lokhu kusikhanyisela ekutheni ibizo leli lisho yena owesilika noma “umuNtu” okungukuthi uma kuthiwa leyanxenye yabaThwa ingaba-Khwe imane izibiza ngokuthi abaNtu. Namhlanje siyalungisa okokugcina, asisophinde sibize ngokuthi ama-Khwe noma “Khwe people” njl njl kepha abaKhwe, abaKhweKazi kanye nabaKhwenyana.
Kwedini
Leli gama lisasho into eyodwa naleli elingentla, silithola laphaya esizweni sakwa Xhosa, amaNguni ngemibala yawo eningizimu. Lapha ulumbano lwamabizo amabini, Kwe + dini uKwe lona yigama elithi Khwe, ngoba ngeqiniso noma ulufakile noma ungalufakanga uhlamvu “H” akusho lutho, bese kuthi u-“dini” uyisimo sokuncanisa noma sokweya. Okuwulimi olusasho yena owesilisa. Lolufano olungaka luyasivezela ukuthi ulimi olulodwa lolu kepha kuhluka ukuphimisela izinhlamvu ezithile.
Khwenkwe
Nalapha sisabuka lona ibizo elilodwa futhi, umehlukwana ukuthi liphindwe kabili lapha lahlanganiswa njengo “phatha-phatha”, “geme-geme”, “zema-zema” njl njl. Lelibizo nalo ngokunjalo lisetshenziswa ukusho kumuntu onguhlobo lwesilisa. Kubalulekile futhi ukuba sazi ukuthi ulimi isivumelwano sabaNtu abesenzayo ukuthi lomsindo usho ukuthi nokuthi. Ingakho sizobona lisebenza ngendlela eyodwa kepha ebuye engathi inemithetho ehlukene.
Obani oKhokho?
Angeke sayishiya indaba enkulu indaba yokhokho ukuthi obani. Leligama lika Khokho igama elidaba kakhulu nalo elilandela umthetho wokuphindaphinda. Ku BaNtu jikelele uma bekhombisa ubukhulu noma ubuhle bento ethize bayaye bayiphinde kabili njengoba sike senza isibonelo ngesi “geme + geme”, “khondla-khondla” etc. Nalapha leligama silithola ukuthi lakheke kanjalo. Umthethokazi walo lithi “Kho” noma libhalwe ngokuthi “Khoe”, lokhu kubhala komlumbi kukodwa nje kuyimbi, kuyasicuza kusihlakaze kusiqede sithi nya!
Ngaphezulu sike savela ukuthi abaThwa bayaziwa futhi ngokuthi bango “KhoeKhoe” noma “Khoe” kanti leligama kubuye kuvele ukuthi kuseyibizo elilodwa nalo leli elithi “Khwe”. Ukube sasizibhalela yonke lento ngabe sikubeka kucace ngokungahlonizi ukuthi abaThwa oKhokho okuseyithi futhi. Manje sekukhandele ize elithi ibizo elithi “Khoekhoe” lihlukile lwelithi “Khokho”. Ngiyaqaphela futhi ukuthi uLwazi asinalo njengama Nguni ukuthi livelaphi leli bizo elithi ‘Okhokho”. Noma abanye bethu bewazi omabili lamabizo kepha besingakwazi ukuwabona ukuthi asho into eyodwa. Namhlanje sinqobile sesiyabazi okhokho ukuthi obani, ngomthetho o-Kho, kepha ngobukhulu babo sibabiza sithi Khokho, noma KhweKhwe.
AmaNguni ayaye ethi kukhona uKhoKho kanye no KhoKhoKazi okusasho yona lendaba eyodwa esingayibiza futhi sithi omuKhwe kanye no Mkhwekazi.
Ngiyathanda ukubalula futhi ukuthi zonke izizwe zaba Khwe-Nyana ezizalwa aba-Khwe azikaze zikhohlwe oKhoKho no KhoKhoKazi bazo okuyibo aba-Khwe. Singabala laphaya eKhemu umsamo wokuqala ungumsamo ka Bes, okungu MuThwa.
Lolu Lwazi olungephikiswe kodwa olungenaba ngiyafisa ukulwetha ngithi – Amen Grand Unified BaNtu of Africa (AGUBA). Ezizweni zethu asibheke ukuxhumana kwethu sisonke ngaphansi kuka Mnini Mandla Onke, uMvelinqangi no Ma uNomkhubulwane.
Ngiyakhuleka ku Matiwane Ka Masumpa, Ngwane Ka Ngwadi, MuNtu-Ngwe wohlanga
Uqhubeke usikhanyisele Ndungunye
We have some exciting news to share regarding our upcoming book releases. While “The Great Mutombo” has been delayed to September, we are thrilled to announce that “Shining Stars of Africa” will now be released in early April instead!https://t.co/xuf0JQk0jd pic.twitter.com/IdWckQTnXQ
— Ilanga laBaNtu (@ilanga_labantu_) March 9, 2023
Askіng questions are actually pleasant thing if you are not
undеrstаnding anytһing entirely, but thiѕ post offers pⅼeasant understanding even.
Kganya Lesedi Kgomo Camagu Shewe baNtwanabethongo 🕯️👏🏿👏🏿👏🏿
Kganya, Lesedi
Kganya Lesedi Kgomo Camagu Shewe baNtwanabethongo 🕯️👏🏿👏🏿👏🏿