Nina baka Mvelinqangi, uSimakade, uMninimandla Onke ngiyakhuluka kini MaKhosi nama KhosiKazi
Izolo silale nezindaba ezimbi ezivela emhlabeni wethu wase Khemu. Kuye kwambululwa I-sphinx esinekhanda lomholi wama Roma u-Claudius laphaya esigcemeni sase Qena. Lokhu kubuhlungu ukukubona ngamehlo enyama ngoba kuveza ubungako bokuxhashazwa abezizwe ezweni lethu. Kepha futhi kolunye uhlangothi kuhle kuvele ngaloluhlobo ngoba kuyasi siza ukuba siqonde kahle umlando namasu asetshenziswa ukubulala umbuso wethu. Kulele phezu kwethu njengendlu emnyama ukulungisa lokhu kuphazanyiswa kweminyaka ebalelwa kumakhulu ayi – 6000, sikuphendule sibuyisele isitemela kujantshi waso ka Mthethokazi. Ngiyafisa ukubonga kakhulu Ku Mkhulu Nsingiza ngomsebenzi wakhe ongelinganiswe nalutho wokususa inkungu esweni lomoya kithi thina sizwe esimnyama. Sithi Khula Matiwane Ka Masumpa impi yesitha usuyiqobile nayo iyazi lapho ekhona.
A sphinx-like statue and the remains of a shrine have been unearthed in the temple of Dendera, Egypt’s antiquities ministry said. Archaeologists believe the statue’s smiling features may belong to the Roman emperor Claudius.
— Ticia Verveer (@ticiaverveer) March 6, 2023
📷AFP/Getty images https://t.co/VMFgRRirJC pic.twitter.com/i859iPYDRV
Kunenkinga enkulu esibhekene nayo kulesikhathi samanje yokuthi asikwazi ukuzwa into esiyiphimisayo ngemilomo yethu. Lokhu kudalwe kakhulu ubudlova kwabezizwe uma befika lapha ezweni lakithi. Lesi simo sokungezwa uma sikhuluma ukuthi sithini sivala iso likamoya bese kukhiyeka ukuxhumana no Mvelinqangi no Nomkhubulwane. Uma sekuvaleke lokhu kuxhumana kuvuka ulaka kwenzeke impambano lena ekhona ezweni lakithi. Okunye okukhulu kakhulu ukuthi lesi simo sidala ukuthi singakwazi ukuxhumana nomlando wethu siwubone. Noma usukhulunywa kepha ngoba asikwazi ukuxhuma imisindo yokukhuluma nezithombe siwuphike size silwe nawo.
Pharaoh Nectanebo; the last indigenous Kemetian to rule. 4th-century bce. Notice the prognotism and thick lips, just like Kemet's first monumental statue, the Great Sphinx. This shows that for the span of Kemet's pharaonic history, Africans ruled it. pic.twitter.com/ib5f7JAuDS
— Ancient Kemite (@ancientkemite) August 26, 2021
Kulengosi ngikhethe ukuloba ngombono womqondo (umcabango) ongifikele ngebizomsindo elithi Mntungwa. Lelibizo siyalithola ezwenikazi lase Africa ku BaNtu abehlukene beliphimisa ngokuhluka okuthile. Kubalulekile ukuthi sazi ukuthi njengabaNtu sinolimi olulodwa vo, lendatshana sojula ngayo ngenye imini. Kuhle futhi ukuphawula ukuthi lokhu kuhlukana kolimi esikubona sengathi kukhona kube kungekho, yikho kanye okuyisisekelo sika “Divide and Conquer”. Ake siwubulale ke lomkhuba wokuhlukana ngokuveza umnyombo walelibizo elaqanjwa okhokho bethu. Ibizo elithi Mntungwa siyalithola kwezinye izindawo zethu e-Africa liphinyiswa njengesibonelo ngezansi:
“Mutungwe”, “Mutongo” – Dzimba Dza Mabwe (Zimbabwe) – KaRanga
“Mtongwe” – Kenya – Kikuyu
“Mtungo” – Tanzania
“Mtongo” – Malawi, Tanzania, Congo
“Mntungwa/e” – South Africa, Lesotho, Swaziland
“Munongo” – Congo, Zambia, Cameroon, Dzimba Dza Mabwe (Zimbabwe)
“Munangwa” – Dzimba Dza Mabwe, Zambia, South Africa
Uma lelibizo silizwa sithola imisindo emibili eyakhile, owöküqala u – “Moto”, “MuNtu”, “MNtu”, ”Mtu”, Muto”, “Muno”, “Muna” Kanye no “Ngo”, “Ngwe/a”. Ziningi ezinye izinhlobo zaleli bizo esingeke sazibala nesingeke sifike kuzona kulombhalo, kepha siyathemba isithombe siyakheka. Uma siyiqala ngasekugcineni sithola u “Ngwe/a” noma “Ngo” lemisindo iyasebenza ngokushintshana olimini lwesiNtu, siyaye sibone ebizweni elithi “Ngwenyama” kanye no “Ngonyama”, akusiwo amagama amabili kepha yibizo elilodwa. Lesiphetho sika Ngo/Ngwe siphelele ngokwaso ngoba sisho ikati lasendle elimabalabala noma iBhubesi.
A view you don’t normally see of the back of the Sphinx showing its giant tail. pic.twitter.com/7OfvrZs3LS
— Michael Warburton (@MichaelWarbur17) March 3, 2023
Isiqalo segama naso sisobala kakhulu ngoba Sisho ukuthi “MuNtu” bese leligamba nalo lithathe imisinjwana ehlukahlukene ezizweni za BaNtu. Lapho abanye bethi “Muna”, “Mto”, “Mutu”, “Muno”, ”MuNtu” njl njl. Ngakho lelibizo liphelele ngokuthi “MuNtu-Ngwe”, “Muto-Ngo” njl njl.
Imfihlo yaleligama ilele ekutheni sibone ukuthi libheke kithi sonke thina baNtu abamnyama, ngoba lisithatha lisibeke esimweni sengonyama, ingwe, ibhubesi. Lena indlela okhokho bethu abebezichaza ngayo kakhulu ngoba babesondelene nemvelo. Okukhulu ngalelingama ukuthi leyandaba esivule ngayo phezulu ibangufakazi wobudala balelibizo ngoba sazi laphaya e Kemet/Egypt ukhona u-MuNtu-Ngwe osewaduma ngelokuthi i-Sphinx. uMuNtu-Ngwe okhokho bamakha ngetshe laphaya eduze kwama -Pyramid ase Giza, nanamuhla ukhona. Lesisakhiwo yisakhiwo esinekhanda loMuNtu kepha umzimba yikati lasendle. Ngokolimi lokhokho bekubizwa kuthiwe u – Heru-em-Akhet, lesi bekuyisithakazelo sake lo MuNtu-Ngwe esibhekiswe esenzweni sakhe sokubheka amandliza abaphathi angapakathi kwama Pyramids.
Some call it the sphinx
— Alicia Keys (@aliciakeys) September 1, 2018
but we learned the original name is Heruemahket.
One majestic, magnificent piece of art just like our love, my love! #art #majesty #mindblowing #exploring #kemet pic.twitter.com/8tYPy0hTBh
Sesingalungisa ukukhuluma sithi ngeqiniso akusiwo amaNtungwa kepha oMuNtungwe noma abaNtungwe. Lokhu ngikusho ngoba lendlela yokuqala izwakala iyivala imfihlo yaleligama elikhulu kangaka lokhokho bethu siyisizwe esimnyama.
Sengivala nje ngithi angazise umfundi ukuthi kubalulekile ukujula ngolimi lwethu ngoba bonke ubuhlakani bungaphakathi kulona. Ngiphinde ngazise ngencwadi engiyibhalayo ezobe iqukethe lolulwazi nangaphezulu ebizwa ngokuthi “The Great Mutombo”. Incwadi izobe iphethe yonke imfihlo yoMuNtu omnyama jikelele.
KMT iyithi
Thina siyi KMT
KwaMuNtu yithi
Thina singabaKwaMuNtu
Busa Khemu Busa!
Aah MuNtuNgwe
Ahh Heru-em-Akhet
Ahh Sekhmet
We have some exciting news to share regarding our upcoming book releases. While "The Great Mutombo" has been delayed to September, we are thrilled to announce that "Shining Stars of Africa" will now be released in early April instead!https://t.co/xuf0JQk0jd pic.twitter.com/IdWckQTnXQ
— Ilanga laBaNtu (@ilanga_labantu_) March 9, 2023
Siyathokoza,
Wayihlalela yacaca Mkhulu Matiwane. MuNtungwe, muhle umsebenzi.
Aah MuNtungwe
Aah Mer Akhet.
Siyathokoza Kakhulu Dokotela.