Umsuka wobukhosi kanye nezimpahla zobukhosi bokhokho bethu

Ngiyakhuleka ku Mdali, Umnini mandla onke, oziqu zintathu, Owavela Kuqala. Ngiyakhuleka ko Khokho No Khokhokazi, ngiyakhuleka emakhosini nakumakhosikazi. Ngiyakhuleka kubona bonke abanebala elinsundu lika Mdali.

Umdabu wobukhosi bokhokho

AbaNtu abansundu bayindalo ka Somandla uMvelinqangi lona owenze konke okukhona okubonwayo nokungabonwa. UMdali uthe esebadalile okhokho ezigidigidini zeminyaka edlule waqhubeka waba kubona nabo baba uyena. 

UMdali uye wavusa wembulela okhokho bethu ngeqiniso lendalo yonke ukuthi yakheke kanjani ngoba imile nje ibonakala. Kulesi sambulelo kuye kwase kuvela iqiniso nemfihlo yobuKhosi naye uMdali waziveza njengayo iNkosi yakho konke. Labo kokhokho ebebenomoya wobukhosi babe sebebuthabatha ubuKhosi njengoMdali ngezinhlobonhlobo zabo njengokumbulelwa uSomandla uMninimandla Onke.

Igama elithi Nkosi livelaphi, lakheke kanjani?

Leligama lisuka ekubukeni impilo Ka Mdali uqobo lwakhe, lapho ebonakala engapheli amandla, ebona futhi ekhona yonke indawo. Okuholele okhokho ukuthi uma bebuka inyoni uKhozi base belubona lwenzisa okwakhe oMdala Kunezinsuku. Lapho uKhozi lundizela phezulu, luphinde luhlakaniphe emsebenzini walo, lubuye lugijime ngesivinini esesabekayo. Kanjalo neZulu uma lihloma uKhozi alwethuki kepha lusiqonda ngqo luhambe phezu kwaso nokunye okuningi okuyimfihlo yethu baNtu bomdabu esiyihletshelwa uMdali.

Kuthe eMandulo abaNtu base bezibiza ngawo amakhozi beqonde ukuthi uma bengamakhozi bangu Mdali uqobo nabo ngoba bazalwa uyena. Kubalulekile ukuthi sikubeke ukuthi UMdali wokhokho akasilisa akasifazane kepha uziqu zintathu, Umthethokazi, Umlomokazi, no Somandla (Maat, Djehuti,Atum). Ngakho ke kube sekubonakala ukuthi njengasemvelweni kukhona uKhozi-khulu kanye no Khozi-Kazi ngokwenzeka kwakhe uMdali. 

Siyathola ezizweni zonke jikelele zokhokho zabaNtu kukhona ama Khozi, Khosi, Kgosi, Nkosi, Hungwe, Heru njalo njalo. Lobu buhlakani busuka lapha eNingizumu bakhula bagcwale izwe lonke ngesikhathi okhokho behamba hamba. Sithi kusuka lapha eNingizimu ngenxa yobufakazi obuqanda ikhanda.

Ngakho ke noma ubani okhuluma ngobukhosi,Kgosi, etc usuke eqonde uKhozi olumaphikophiko, kepha bese kuthi ngokungazi bezitshele ukuthi basho okunye.

Izimpahla zobuKhosi

Ubukhosi yisimo sokuba nokukhanyiseleka ngo Mvelinqangi. Uma ungakhanyiselekile ngo Mvelinqangi usuke ungenabo ubukhosi. Ukhanyiseleka ngoba uneso lesithathu lomoya elikwaziyo ukubona okungabonwa. Leliso lika Mvelinqangi okhokho babelazi baze balidweba, liyaye lize libizwe ngokuthi iso loKhozi, Iso Lomoya, iso Lesithathu (eye of Heru/Ra).

Okhokho ke bebethunga izindwangu bakhe nezindlu zenjulo yalolu Lwazi oluvela ku Mdali nalo olungu Mdali uqobo.

Sinentokozo enkulu kakhulu ukukwethulela izimpahla zakhe uMdali, Umvelinqangi zokhokho,zinayo lemibhalo yabaNtu, abaka NkosiNkulu/KgosiHuru Inkosi YamaKhosi.

Lezi zimpahla zifike ngilele ebusuku ngafundiswa ngazikhonjiswa ukuthi zizokwakhiwa kanjani, kubuye kube ukuthi onke amabhayi amashayina azovalwa aphele kwakhiwe anemibhalo ka Mdali. Lezi zimpahla zizokwelapha zigqashule iziqalekiso zabenzi bobubi.

read more

Ubani Umveliqangi?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

error: Content is protected !!