Sikhule sonke emakhaya ngamakhaya sikhuzwa okhokho bethu ngokuthi singawaqambi amanga. Ezizweni zabaNtu abansundu amanga ayinto eqashelwayo kakhulu ukuthi ayingenziwa, kusukela ebuncaneni bengane. Namhlanje kulesibhalo sifuna ukuhlehla siye emuva sijonge kakuhle ukuba kungabe yini eyayidala ukuba amanga asatshwe ngalolu hlobo. Sizobheka futhi ukuthi athatha yiphi inxenye ku Mvelinqangi nemvelo yonke, siphinde sizama ukuwachaza kafusha ukuthi ngabe ayini wona uqobo lwawo.
Yini amanga noma ukuhhema?
Ake siqale ngokuyibona lenkunzi esiyihlabayo ngaphambi kokuba sihlonze inxeba ukuthi lingaphi. Lelibizo “amanga” lapha olimini lwesisintu isiZulu livamisile ukusebenza ngokulamana nebizo elithi “qamba”, lapho kuyaae kuthiwe “Ukuqamba amanga”. Okhokho siyathola futhi ukuthi bebeye besebenzise ibizo elithi “ukuhhema” ukusho into eyodwa namanga. Laphaya esizweni sabaNtu e-Dzimba dza Mabwe (Zimbabwe) kusetshenziswa leli lokuhhemba kakhulu.
Ukuze kube lula ukuhlaziya nokubona lendaba sizosebenzisa uLwazi lokhokho bethu i-Mathematics noma izibalo. Uma unenkomazi bese izala inkomo-nyane/inkonyane kulesosibaya kusuke sekunezinkomo ezimbili, ekhululile eyinkomo-kazi/nkomazi kanye nengakakhulu inkomonyane. Lokhu kuyiqiniso eliphelele. Amanga wona athi inkomo iyodwa, noma zintathu noma zine njl njl. Uma sibuka lesisimo ngokwezibalo zokhokho siyabona ukuthi amanga kusuke kuwukukhandela umqondo isithombe esingekho emkhathizweni (space-time/reality). Kuyenzeka lokhu kwenzeke ngephutha ngokungentloso kepha ulimi lwabaNtu lunobuhlakani bokubhekana nesimo esinjalo. Uma umuNtu ekhanda isithombe somqondo (ekhuluma), uma engenaso isiqiniseko uyakwazi ukusebenzisa ulimi ukuveza lokho, okuyaye kuthi noma sekutholakala ukuthi into ebeyisho ayisilo iqiniso bese kuthiwa kodwa ubeshilo ukuthi akanaso isiqinisekiso. Ezinye izimo okungaxwayiswanga ngazo zona zonke zingaphansi kwesigaba samanga ngezinhlobo zawo.
Kungani okhokho babengawafuni amanga kanti lokhu kuhlangana kanjani no Mveliqangi?
Kukhona indaba ka Menzi womkhathizwe ngokokhokho bethu esike sayibhala noma siyubhale ngolimi lwesilumbi. Kulendaba besigeqa amagula ngeqiniso lokhokho bethu ngoLwazi lwabo(lwethu) uma kuziwa kwezeqiniso lonke elipheleleyo. Kafisha nje siveza okhokho ukuthi uMvelinqangi bathi uyikho konke okukhona, ungamandla lamandla okuyiwo ngezigaba zawo eziwumkhathizwe. Manje ke abaNtu,izihlahla, amanzi, amatshe, nomoya, izinkanyezi zonke ziyinxenye ka Mvelinqangi uMninimandla onke lokhu kuyiqiniso esalabizwa namuhla ngokuthi phecelezi yi -Unified Field Force. Manje amanga angena lapha sekubulawa lolu Lwazi lwesambulelo yenjulo ka Mvelinqangi kufakwa okwabebala elimhlophe abangaphiwanga bona lokhu kubona kukamoya. Uma umuNtu ethi kusebusika ekubeni kusehlobo lowo muNtu ulwa no Mvelinqangi ngoba usho into uMvelinqangi angasiyo. Lokhu kusuka emazingeni aphezulu kuze kufike emazingeni aphansi lapho njesebinole senkomo ngenhla, sithola ukuthi uma uthi azikho izinkomo zibe zimbili esibayeni usuke nalapho ubulala inxenye ka Mvelinqangi(space-time/reality).
Ngokuchaza kokhokho(kwethu) nokubona kwabo uMveliqangi siyathola ukuthi inhlonipho ivelaphi. Okhokho ngokuhlonipha injulo nomnyombo ka Mdali abayinxenye yakhe kanye nakho konke okukhona kulapho inhlonipho yakhula kakhulu esizweni esimnyama yaba yinto ehamba phambili.
Amanga ayisitha senhlonipho kanti nemvelo yonke ayayibhubhisa yonakale. Namuhla ngoba kuphethe amanga nje siyabona izithelo zakhona, konke ububi buzalwa amanga kanti abaniniwo yiso lesisizwe esakhiwe endumbeni eminyakeni eyizi – 6000 eyedlule. Loluhlanga lwezidalwa luphila ngamanga ngoba lungayazi imfihlo ka Mvelinqangi. La manga ayafafazwa ngesivinini esikhulu emhlabeni jikelele ngaye uqobo uMvelinqangi kusuka endulo yabo abelumbi. Izithelo yizo lezi esizibonayo zomunyi nosizi lonke emhlabeni jikelele.
Ukufa kwemindeni yethu nokuphela kothando ezweni lakithi kuxhumeke kakhulu nesimo samanga esibusayo namhlanje. Okhokho baze bakha izindumba, ama scientific labs ukuvimba yona indaba yamanga ngokuthi into umuntu ayikhulumakho ayibe nobufakazi okuphathekayo. Ngisho othandweni siyabona ukuthi izinto ezifana nelobolo zazekhelwe ukuthi uthando alubonakale ngesenzo akungabi inkohliso. Esikhathini samanga lapho okokhokho sekubulewe kwabusa owase ntshonalanga nyakatho, siyabona ngoba asizingane imisebenzi yamanga, imigcagco nawo onke amacece esiNtu aphelile aqedwa amanga.
Sengivala lesibhalo ngiyafisa ukugcizelela esizweni sakithi kakhulukazi intsha ukuba sinciphe emangeni sande ngaseqinisweni ukuze sixhumane ngqo nentando ka Mvelinqangi, singazehlukanisi naye ngamanga. Ngiphinde ngibonge kwabaningi oKhokho abazamile kunzima ukukhuluma iqiniso kwesinye isikhathi bebulawa bejuqwe ngenxa yalokho. Namhlanje lenkululeko ekhona kunconywana ngoba sesiyakwazi nokubhala kanjena singavinjiwe.
Manga awunamahloni, ugoba nsizwa ugobe ntombi
Manga uyabulala wedlula ukufa ngoba wena ungmabulala ehleka
Wena ungumabulala umuNtu engancwatshwa, aqhubeke aphile
Wena manga umboza no Mvelinqangi uqobo engaziwa kudunyiswe opopayi babelumbi
Manga ulinuku, Manga awunamahloni
We have some exciting news to share regarding our upcoming book releases. While "The Great Mutombo" has been delayed to September, we are thrilled to announce that "Shining Stars of Africa" will now be released in early April instead!https://t.co/xuf0JQk0jd pic.twitter.com/IdWckQTnXQ
— Ilanga laBaNtu (@ilanga_labantu_) March 9, 2023