Ngiyakhuluka emagumbini omane omhlaba, Empumalanga, eNtshonalanga, ENingizumu nase Nyakatho, ngithi akube kuhle kukhanye.
Osukwini lwanamuhla ngibe nenhlahla enkulu yokuba ngibonane nensizwa yakwa Hlengwa esikade sagcinana nayo. Njengenjwayelo uma sibonana siye sajula ngendaba ka Mvelinqangi uMnini Mandla onke, no Mazisakazi wethu. Enxoxweni yethu emnandi yokukhanyiselana sihambe sahamba saze safika kwezinye zezisekelo zokufa ko BuNtu kithina njenga BaNtu okuyi “Nkosi sikelela Afrika” / “Mwari/Ishe Komberera Africa” kanye “INkosi ikubusise”. Kuye kwaze kwacaca bha! ukuthi lesisifo sokuhlaselwa kwemiqondo yabaNtu sijule kakhulu labo esibaphethe bayefana nokuthi bafile. Uxhumano lwabo no Mvelinqangi lusuke selubulewe ngoba lo Mqondisi usethunjiwe wafulatheliswa uMvelinqangi.
Kepha sithi isiNtu akulahlwa mbeleko ngakufelwa, kanti abaNtu njengomfula abalingani nenkasa. Lelithemba elingaka silithola laphaya ku Mazisakazi, iKhalenda yethu yomdabu. Umazisakazi lona uyajuqa onke amanga akhandiwe isitha ukwedusa ukulimaza imiqondo, unembeza kanye nenhliziyo. Lobu buthathu kithi ngamunye ngamunye buyimfihlo ka Mvelinqangi ekhandelwe ukube sikwazi ukuzibusa ngokubambisana naye lapha emhlabeni sixhumene siyinto eyodwa. Kepha izitha zaloluzwano ziyaye zigqashule zibulale lokhu kubambisana ukuze beze zizibusela ngokwazo abaNtu, ziningi izindlela abenza ngakho lokhu siyozibheka ngenye imini sijule ngazo.
Uthisha ubaba Enoch Mankayi Sontonga
u Baba uSontonga umlando uveza ukuthi wafundela ubuthisela esikhungweni sabelumbi i- Lovedale Missionary Institute (a mission station and educational institute in the Victoria East division of the Cape Province). Ekuqedeni kwakhe kulesikhungo uye wahamba wayoqhubeka nokufundisa esikoleni esabe sise Goli e-Methodist mission school (engatholakali igama layo emlandweni) okuyilapho owabhala khona lesihlabelelo sodumo.
“Nkosi sikelela Afrika” / “Mwari/Ishe Komberera Africa” / “God Bless Africa”
Uma sibuka impilo kababa uSontonga siyathola ukuthi kwakungumuntu okhulele ezikhungweni zabelungu zama “collonial Missions”, okuyilapho owaqeqeshwa khona ngokucabanga, okwezenkolelo nangobuciko bomculo njl njl. Lokhu uma seikubuka namuhla kuyinkinga enkulu ngokomoya ngoba yikhona lokhu okugcina kushintsha indlela esizibona ngayo njengabaNtu bomdabu. Lezi khungo umsebenzi wazo kwakungukuthi abaNtu bomdabu abaphendulwe umqondo wabo ube njengowabezizwe bokufika.
Lesi sihlabelelo uma sisibuka sithathe igama elithi “Nkosi” sibheke ukusetshenziswa kwalo sithola okuningi uma sijula ngokomlando. Ukusebenza kwaleligama sikuthola sekusebenza ngokucabanga kwabelumbi lapho khona ocwaningweni labo babethatha lokho okukhulu kithi bekukhombe emafini noma bethi okwangempela kusemazweni akubo. Lo “Nkosi” okukhulunywa ngawo lapha awubhekisile kulama Khosi esiwayizo njengabaNtu bomdabu kepha ubhekise kule Nkosi efike nomlumbu esemafini nasencwadini. Uma sinyuka sibuka izinhlobo zotoliko zalesi sihlabelelo siyathola ukuthi lapho esifike khona sifike sithathe ibizo okubizwa ngalo iNkosi bese lifakwa lisetshenziswa. Lesi senzo nomqondo wonke womusho othi “Nkosi sikelela i-Afrika” uma siwuhlaziya akusikho ukucabanga kwabaNtu ngoba abaNtu babengasho ukuthi Nkosi sikelela i-Afrika emakhosini abo. AbaNtu bomdabu bebazi ukuthi iNkosi ibheke umsamo ka Mvelinqangi no Nomkhubulwane namathonga okuyiwo amandla amakhulu. AmaKhosi ayengathandazwa kuthiwe sisikelele ezinkingeni kepha izinkinga kwakubhekwana nazo ngezindlela zakwaNtu ngokuholwa ubuKhosi.
Indlela esihlatshelelwa ngayo nayo siyayizwa ukuthi eyabo abelumbi okuyindlela yamanothi enezindlela ezine zokuhlabelela. Kunalendlela yesithathu emculweni engekho kubaNtu bomdabu eyafika nabezizwe, lendlela uma kuhusthwa amahubo esiNtu ayivumi ukungena ngenxa yokwakheka kwamazwi abaNtu abansundu. Akugcinanga ngokuthi lengoma ibhalwe ngamanothi abelumbi bamamishinali kepha yaze yaze yayoqoshwa eNgilandi ezweni lezitha ngonyaka wezi – 1923. Emveni kwalokho abamhlophe babe sebeyenza ama National anthem amazwe amaningi lawa abaziklayela wona nge Berlin Conference, kuxuba i-Tanzania (1961), Zambia (1964) , Zimbabwe (1994) and British South Africa (1994). Ngithi abelumbi abaqambayo ngoba isimo sezwe lakithi sikhomba ukuthi abaNtu bomdabu abakaliphathi izwe ngenxa yosizi oludliwa abaNtu bomdabu nanamhlanje.
Lesi sihlabelelo sikhumula amandla kubaNtu bomdabu behlukaniswe nobuKhosi babo bangempela obuphilayo nobubonwayo bakholelwe kulobu obuchazwa abamhlophe encwadini yabo. Asigcini lapho lesihlabelelo kepha sinqinda amandla abaNtu bomdabu ukuthi bakhe amasu okuzikhulula ngokwabo emaketangweni abelumbi kuphela babeke futhi bathembele kule Nkosi esencwadini encengwayo ukuthi ayikhulule i-Afrika.
Ubungozi bemezwilili yabelumbi – Umlungu ongumnini womzwilili wesihlabelelo Nkosi Sikelela Afrika
Kunesayensi yabelumbi lapho bekwazi ukudlala amanothi abo belalise bedakwe nezimfezi zingabenzi lutho, lesi sihlabelelo sibhalwe ngamanothi afanayo naleyo sayensi yasengilandi. Namacilongo aso asidlalayo yiwo lawa alalisa adakwe izimfezi zikhohlwe ukuthi zizinyoka. Umbuzo uthi ngabe lamanothi namacilongo anamthelela muni ku MuNtu womdabu ka Mvelinqangi?
Umzwilili walesihlabelelo kunombango emlandweni othi wawungaqanjwanga uBaba uSontonga kepha wawubhalwe umlumbi Joseph Parry (Welsh composer and musician) wawubiza ngokuthi “Aberystwyth” lapho uBaba uSontonga obe esefaka lamagama athi “Nkosi Sikelela i-Africa”. Konke lokhu kuyisithwebulo esibi kubaNtu abansundu ukuhlabelela izinto ezaqanjwa yizitha zabo onhloso yaso namhlanje siyibona emkhukwini(concentration camp) enjenge Alexandria, Soweto nangezinsuku lapho kuyoholwa iqolo nempesheni kolayini abade.

“God bless Africa” “Nkosi Busisa Africa”
Kukhona lenkulumo eyandile manje ezweni lakithi e-Afrika lapho kuthiwa God bless Afrika/Nkosi Busisa i-Africa, lenkulumo izalwe yilona leliculo. Igama elithi “bless” alisho ukubusisa lokhu okwaziwayo kwa Ntu kepha kusho “to mark with blood” ngokomlandumnyombo wabelumbi, okusho ukuthi lenkulumo ihambisana iphinde ikhonge leligazi elichithwayo ezweni lokhokho. Lenkulumo iyisithembiso samanga lapho khona kwenziwa sengathi kukhona esizokuthola njenge Afrika kulenkosi yase ncwadini kanti chabo. Noma sikhuluma sisodwa njengabaNtu uzwe omunye esethole usizo/isipho bese ethi “iNkosi ikubusise/God bless you”, lokhu kulwa nesiNtu sethu lapho khona besiyaye sithi “Ngiyabonga” “Waze wangizala” “Izandla Zedlula Ikhanda”. Bekuyaye noma isihambi siphiwe amanzi ekhaya uma sesiqhubeka nendlela sithi akwande lapha ekhaya, Ngiyabonga. Lokhu besinamandla okukusho ngoba sisathemba sazi futhi ukuthi uMveliqangi simunye naye futhi sazisa ukubalela kokuzwana sisodwa. Kungakho okhokho baze bathi “uMuntu ngumuNtu ngabaNtu” esikhathini sanamhlanje lapho sekukholelwa eNkosini yasezulwini nasencwadini lesi sisho nokucabanga koBuNtu akusekho ngoba “umuNtu usengumuNtu nge Nkosi/God”.
Isizwe sakithi sonke ezwenikazi lakithi sihlakazwe sajuqwa yilese sihlabelelo kanye nengane yaso u “God bless Africa”
UmuNtu ngumuNtu ngabaNtu
Yaze yazwakala kahle inkulumo sengath umuntu angalandela izinkulumo ezinjengalezi nokuthi ukuba izwe liphethwe ngabe mhlampe yilawa maqiniso esiwafundisayo ezikoleni kunoku pragram abantu
Siyathokoza siyazi ukuthi uMvelinqangi uzojuqula konke okubi kuphele nya.
Mmhh ngizwa izinto ezi julile ngolimu lwakithi kuba ngathi ngibona izinto ngelinye iso syabonga imfundo osipha yona.
Siyabonga mfowethu uma izwakala, sizokhumbula ulimi lwesiNtu yilo oluzala konke ukukhuluma emhlabeni jikelele.
Ӏ have learn several excellеnt stuff here. Definitely pricе bookmarking for revisiting.
I wonder how much effort you set to create this typе of wonderful infоrmative site.