Nina baka Mvelinqangi, uSimakade, uMninimandla Onke ngiyakhuluka kini MaKhosi nama KhosiKazi
Ngithanda ukuqala ngokubonga ithuba lokuba ngibhale futhi namuhla umyalezo obheke kuwena mfundi. Nginentokozo nenjabulo enkulu yokuthola leli thuba lokubhala ngalesi sihloko sokubalulela kwenhlambuluko. Ngiyafisa ngaphambi kokuthi ngingene ekubalulekeni kwayo ngiqale ngokwakha isithombe ukuthi iyini inhlambuluko uqobo lwayo.
Inhlambuluko imvamisa udaba oluyaye luphathwe abaNtu asebebadala nabamnkanthsa obomvu kwezempilo. Lokhu kudalwa ukuthi iyinto ebucayi kakhulu ethinta uMvelinqangi kanye no Nomkhubulwane uqobo ngaphakathi kwethu.
We have some exciting news to share regarding our upcoming book releases. While "The Great Mutombo" has been delayed to September, we are thrilled to announce that "Shining Stars of Africa" will now be released in early April instead!https://t.co/xuf0JQk0jd pic.twitter.com/IdWckQTnXQ
— Ilanga laBaNtu (@ilanga_labantu_) March 9, 2023
Inhlambuluko ngamafuphi iyisenzo lapho khona kubuyiswa imiqondo ephambene ukuba ibuye iqondane. Ukuphambana kwemiqondo kuyaye kubhidlize inhlalo ekhona kubaNtu ababili noma ngaphezulu, okugcina kuholele ekuthenini kube nengxabano engaholela empini ethize. Inhlambuluko yisenzo esikwaziyo ukuvimba lokhu ukuxabana kungakenzeki, impi ingakenzeki, ibuye ikwazi ukunqamula lezizimo sezenzekile ziphakathi. Kubalulekile ukudalula ukuthi lesenzo se sayensi yokhokho asithinteki isikhathi kepha noma yinini siyakwazi ukwenzeka sisulungise leso simo okumele silungiswe.
Isigaba sokuqala se-Nhlambuluko
Inhlambuluko ngokwaBantu iyinto yamihla yonke, esingasho sithi siyayithola emagameni asebenzayo njalo ekuphileni kwethu. Lamagama singabala u-“ngiyaxolisa”, “shwele”, “ngithethelele”, “yobe” namanye amaningi. Lamagama aqhumuka ngoba imiqondo yababili isuke isigejene noma izogejana emva kwesenzo esithile bese lamagama aba yinhlambuluko ewukuvuma okuyiphutha okusuke kwenzekile. Esimweni esidinga lamagama, kuyaye kuthi uma engafikanga bese kushunqa uthuli, kuphakame imimoya. Uma sekwenzeke lokhu isuke seyigejene imiqondo sekuzoqhubeka kungene izigaba ezilandelayo esizibalile ngentla. Sizokhumbula emakhaya nasemizini yesiNtu bekuqashelwa kakhulu ukuthi kungaxanwa egcekeni noma ngaphakathi komuzi. Ziningi izinto okwakuyaye kuthiwa azikhulunywa ekhaya. Lapha kwakusuke kwenzelwa ukuthi kugwenywe lesigaba sokuqala sokuphambana kwemiqondo. Yingakho abaNtu abafisa ukulungisa udaba oluthile abangaluboni kahle ngaso linye lomoya babeyaye baphumele ngaphandle mhlawumbe nomuNtu wesithathu befike bayibonisane leyonto ephambanisa ukubona kwabo. Ngalendlela kwabe kuyiyona inhlambuluko leyo yesigaba sokuqala evimba ukudaleka kwenxabano.
Isigaba sesibili se-Nhlambuluko
Manje siyathola ukubaluleka kwenhlambuluko esikhathini esifishane samanje ngokuthi ivimbe inxabano kanye nempi. Kuyenzeka sidlule lesigaba sokuqala kufike kunxabano, inxabano singayichaza njengesimo lapho imiqondo seyinezithombe ezimbili ezingafani, sekuxabene ukubona. Uma sekufike kulelizinga inhlambuluko iyona futhi elamulayo esuke isithi ayibe nesigqi kunalena yesigaba sokuqala. Kulapha khona sekuzotholwa eminye imiqondo ikakhulukazi esivuthiwe ukuba izokwelekelela ihlazulule lezi zithombe ezimbile eseziphambene. Lapha kusuke kufanele bobabili abaxabene bebone umehluko wemicabango nemibono yabo, bese kuzanywa ukuthi yomibili isebenzisane noma bufe owodwa kusale owodwa ngokuvuma kwabo laba abahlanganiswayo.
Isigaba sesithathu nesokugcina se-Nhlambuluko
Uma kwenzeke sehluleka lesi sigaba sesibili kuyaye bese kuba khona impi. Lesigaba isona ke esibucayi kakhulu nesisuke sesijulile. Uma ke sekube khona impi iyona futhi inhlambuluko yohlobo oluphezulu esuke izosebenza ekulamuleni impi. Inhlambuluko kulesi sigaba kusuke kuseyikho futhi ukuxoxwa kuxazululwe lezithombe eziphambene ngendlela yokuthi kuze kufikwe lapha empini.
Lesedi
— @official_carol_motolo (@CarolMotolo) November 9, 2020
Tlhapollo/Tlhatsuwo/Inhlambuluko this is something that is done when two or more parties have come to a disagreement.
When I say kaofela rena le badimo/sonke sinedlozi it’s true, having Badimo/idlozi is not about bongaka/ubungoma only
Lezi zigaba esikhuluma ngazo ziqoqa konke okukhona ekuphileni kwethu okuholela ekutheni sidinge inhlambuluko. Kungehluka indlela eyenziwa ngayo inhlambuluko njengokuthi abanye abaNtu bayenza esihlahleni, emanzini noma ezaleni lekhaya njl njl. Kuyenzeka futhi ingenzeki inhlambuluko ngesimanga sokuthi kungabi lula ukuxazulula lezithombe eziphambene. Kwenzeke baze badlule abaniniyo noma omunye adlule ngesandla somunye njl njl. Isikhala sayo sisuke sisekhona kakhulu ngoba sazi umuNtu akapheli ukhona phakade. Lelo chashaza nokuphambana komqondo kuyabuya noma umuNtu sewashona kuphoqe ukuthi kwenziwe isigaba senhlambuluko esasifuneka ukuba senziwe.
Imbangela yokwanda kwesidingo senhlambuluko kuwo wonke umuzi
Ukufika kwabelumbi noma abezizwe kwelakithi kusilimazile kakhulu ngoba bafike nemiqondo eminingi yabo okungesiyo eyomdabu kwelakithi. Lokhu kudale ukuthi kuphambane imiqondo yethu singabaNtu bomdabu. Lokhu kuyisikhali sempi yomqondo esibizwa ngokuthi yi “Phsycological warefare”, “Ideological Subversion”. Lendlela yokulwa kulapho kuphanjaniswa imiqondo yoluntu ngamabomu bengatholi ithuba lokuhlambuluka kepha kondliwe ngamandla lokhu kuphambanda kwemiqondo. Inhloso kusuke kungukuthi asihlukane phakathi noma siwumndeni owodwa kepha uma isithombe somqondo sesingefani lowomndeni ufile, umphakathi, kanye nesizwe. Kungakho ezweni lakithi sibona inxabano, kanye nezimpi eziningi kungenxa yokuphambana kwezithombe zomqondo. Igama elithi Umuntu umuntu NgaBaNtu liphelile libulawa ukuphela kwenhlambuluko.
Sidinga Inhlambuluko ejulile kakhulu singabaNtu abansundu. Inkinga esibhekene nayo ukuthi labo abaphambanisa imiqondo yoLuNtu abamile emsebenzini wabo, kepha sithemba iqiniso lona elingehluleki ukuba lonqoba ekugcineni.
Aah Mlomokazi
Aah Mhlaba
Aah Matiwane
Inhlambuluko/Ho Hloekisa Balimo/Ancestral Cleansing, Check out this app to explore more. App link: https://t.co/YoxG4k5OTH pic.twitter.com/eLjuoSMuG3
— Ilanga laBaNtu (@ilanga_labantu_) May 12, 2022