Ngiyakhuluka emagumbini omane omhlaba, Empumalanga, eNtshonalanga, ENingizumu nase Nyakatho, ngithi akube kuhle kukhanye. Siyakhuleka kuwe Nongoma Sangoma esiKhulu Ndaba Enkulu.
Siphila esikhathini sombuso wama Khazari okuyisizwe sodumo lwamanga emhlabeni. Lesisizwe sidunyiswe umholi waso owaziwa ngo Bulan (740 – 786) okunguye osungule insumansumane yobu Juda. Le nsumansumane iyona eyakhe lesisizwe saze sashiya ukuba ama Khazari saziwa ngokuthi singama “Jews”. Umlando uveza ukuthi lama Khazari izigebengu ebezilala endleleni zivimbe abaNtu abaphethe izimpahla okwaku hwetshwelwana ngazo.
Lesizwe siye sakhula saceba ngezinto zokwebiwa kanti futhi besaziwa nangokudla abaNtu. Lomholi wabo uBulan kusho ukuthi waba nobuhlakani bokuthi akukhandwe amanga kwebiwe imilando ethize yeziwe ezindala zomdabu bese bezilumbanisa nawo. Yilapho okuningi namhlanje ngisho emangeni ebhayibheli kuvela khona kuxuba nezinkolo zabamhlophe nobuholi babo (Kingship).
Ngenaba ngalomlanjwana nje, inhloso ukuveza ukuthi uma okhokho bethu bekhuluma ngo Mdali abakhulumi ngokuncola komlando wabezizwe zabelumbi. Siyathola ngokukhanyiselwa uMazisakazi, iKhalende lokhokho ukuthi UMdali womkhathizwe akasikho lokhu esasontwa ngakho umqondo.
Izaguga beziyaye zithi uma zikhuluma ziqinisekisa zithi “Selokhu kwathi dabu qheke!”, Lenkulumo iyisayensi yeqiniso yomnyombo wendalo. Yilapha khona sithola ukujula kolwazi olubhalwe olimini lwe SiNtu ngokuhlukahluka kwalo.
Esibhalweni sethu sike sabhala ngolimi lwabelumbi sibhala nge “BaNtu Unified Field Force” uma sixhuma kule nkulumo sibuyela ekutheni uMvelinqangi, uMdali ungumoya(waves,spirit) othatha izimo zokujula (Non existence of escape velocity) bese kuba nesimo esibonwayo. Lokhu kuyasicacisela ukuthi akusiyo “inkolo” lena kepha isayensi yezinga lokuqala nokugcina (N=0).
Ubungoma buka Mvelinqangi uMdali
Umoya lona esikhuluma ngawo nemigilingwane yawo awenzeki futhi awuhambi ekuthuleni lapho kuthe cwaka! khona. Lomoya uma wenza okwenzayo uphenduka lezi zimo ozithathayo kuba nomsindo oyizwi oba khona. Ngesikhathi kuthi “dabu qheke” kwakwenza lomoya ongumsindo oyizwi. Lokhu kukhanda ingoma enkulu esingase siyifanise nengoma lena esiyizwayo iduma emkhathini wezulu ngezikhathi zasehlobo. Lengoma selokhu yaduma udu! nanamuhla iyaduma iyona lengoma ephilisa konke okuphilayo, ehambisa konke okukhona emajukujukwini. Inamavesi noma amazinga ayo angefani emkhathizweni (frequency and pitch) kwezinye izindawo ishayela phansi kwezinye ishayela phezulu ngokusabekayo. Olwandle kukhona ingoma yakhona, emoyeni, enhlabathini, kunomjubane, enyangeni, kwindonsa njl njl. Zonke lezingoma izingoma zika Mvelinqangi zilotshwe nguye. Lezingoma yizo eziyintambo yokubopha indalo yakhe uMdali ibe yinto eyodwa ngoba iyezwana yona lengoma. Kunjengathi abaNtu uma sikhuluma siphendulana singathintene kepha ngezwi esiliphimisayo sikwazi ukungena emqondweni womuNtu esikhuluma naye singambambile ngokwenyama. Lokhu kungu Lwazi lokhokho.
Laba abasizalayo bathe kuqonda lemfihlo base bemqamba ngegama leli elikhulukazi lowo oqonda lezingoma, bamqamba bathi ungu-Mngoma noma uSangoma ngoba uyayizwa inxenye ejulile yalengoma yendalo kepha uNongoma noma uNgomakhulu umsunguli wayo lengoma uMninimandla Onke. Lokhu kuzwa lengoma yikho obekwenza okhokho bekwazi ukudala, ukukhuluma nemvelo yenze lokhu abakufisayo.
Abagcinanga lapho okhokho abangabangoma ngamazinga engefani, kepha baqhubeke benza indlela yokuphindaphinda izingxenye ezithize zalengoma ngokuthatha emvelweni okuthile okugcine ingoma ethile bese bekushaya(apply a force, Vuthela) kuphinde lengoma yakho. Singabala amatshe athize, izintambo zezihlahla esithize, izinhlobo zezinsimbi, amathusi, izimpondo, amathambo ezilwane, izikhumba (isigubhu) njl njl. Zonke lezi zinto njengenxenye yendalo nazo ziyingoma ziphethe ingoma ethize esikwaziyo ukuthi sizishaye(apply force) bese ziyiphimisa. Lokhu kusungule lokhu esekubizwa ngomculo namahlanje okuyinjulo yolwazi Lokhokho ngo Mvelinqangi engu Mlomokazi uDjehuti.
Lengoma enguMdali iyona lena izingane zabaNtu abansundu eziyivumayo uma zizalwa, lapho siyaye sibone khona zigida, zixhensa zivungama ingoma zingafundiswe muNtu. Lengoma ziyizwa ngoba zinaleli bala elimnyama elenza lengoma izwakale futhi ihlobane kalula nabansundu bebe yizangoma ngokomdabu.

Izangoma ezinye eziqavile ezilwaneni
Kukhona isenzo esikhulu esiyaye senzeke emhlabeni wethu lapho khona uma imvula izokuna bese sibona ngezinyoni ezithile kuqala noma uma kuzoba Nengoma Yezulu. Kuyenzeka noma kuzochithika uLwandle ukuthi kuyaye kube yizo izilwane ezikubona kuqala lokhu zisheshe zibaleke. Amakati nawo uma kuzokwenzeka okubi abona kuqala bese exwayisa abaNtu ngalokhu ngandlelathize. Konke lokhu kuyinjulo ka NgomaKhulu okunguye owenze lokhu ukuthi kwenzeke. Lezizangoma zisuke zizwe lengoma isekude bese zisitshela ukuthi sekunjalo zizokhala😁. uThekwane, INsingizi, Inkonjane kanye no Fukwe yizo izangoma zezulu eziqavile ezingashayi eceleni.

UNdaba, uNdama, uTau, uNdau, Tapa (Indaba my Children)
Sivule lesibhalo sethu ngomqambi manga omkhulu emhlabeni uKhazari, izitha zika Nongoma, uNgomakhulu. Siphila esikhathini lapho njengabaNtu abansundi sikhoviwe sanqunywa ulimi safakwa isipiki ekhanda. Lokhu kukhovwa kunqoba thina ukuthi singabinayo indaba yethu noma singakwazi ukuyixoxa. Lokhu kunqunywa kolimi kwethu kwakhe ukuthi lawamampunge ayisiqalekiso ukuthi avuthe ubuhanguhangu agcwale izwe lonke asimboze size nathi sizizwe sesifudumele kuwona.
Umbuzo omkhulu uthi yini indaba? tapa ke eng? Iqiniso lokhokho lithi leligama livela umsukeni walo ongu Nda noma Ta. Bese kuba zijobelelo eziningi eziletha imiqondosthombe engefani. Lo “nda”, “Ta” usho izwi leli elingu Mdali. Lelizwi lithatha izimo ezimbili njengoba sibona ku Ankh yethu, kuba u-“Ba” noma “Ma”.
Ukuxoxa indaba kuwukukhipha izwi elithize elakha umqondo othize ngakho indaba uMvelinqangi uqobo bese kuba khona indaba embi nendaba enhle. Lelibizo siyalithola futhi okhokho belisebenzisa bebhekise kumakati asendle lawo anezwi elikhulu amabhubesi. Lokhu kusivezela ngokusobala ukuthi okhokho babize lamakati ngamandaba, matapa, tau, ndau ngenxa yalelizwi lawo. Kanti babuye babiza izinkomo ezithile bathi amandama nakhona okungenxa yezwi lazo (sound wave frequency). Kugakho ukukhuluma kokhokho bethu bekubizwa kuthiwe yi Medu-Neter(Divine Words) okungukuthi ulimi olungcwele luka Mdali, i-Medu-Neter indaba, futhi yingoma.
Mutapa Kingdom – EmaNdaba
Kune Nkosi Yethu eyaduma kakhulu laphaya ezweni lethu e Dzimba dza mabwe ebiyaziwa ngokuthi u Mwene Matapa okungukuthi umholi wamandaba, umholi wamabhubesi. Umbuso omkhulu lona obuwaziya nge Matapa Kingdom. Lapha ezweni lase Nkandla/ katla ikhona futhi indawo okuthiwa isemandaba. Kuyajabulisa ukubona ubuningi bamaciko omculo aphuma kulandawo yase Nkandla, President Zuma, Khuzani, Phuzushukela, Njoko njl njl.
Lomqondo ojulile siyawuthola kithina sonke njengabantu lapho sizibiza khona ngo Ndaba, amaNdaba. Okuwukuthi labo abenezwi abaNtu bengoma, abaNtu baka Nongoma uMveliqangi. Lendaba siyoke sinabe nayo kahle sikhiphe nenjulo yayo ephelele encwadini yethu ezophuma ngo Mandulo – The Great Mutombo.

Propaganda
Amandla endaba makhulu ngendlela ayisimanga yiwo lawo abizwa izitha zika Mvelinqangi bethi yi – “propaganda”, indaba embi engamanga. indaba yezitha iyakwazi ukufulathelisa abaNtu noMdali bengabe besambona. Imfundo yezitha iphinde ijule ekutheni sifunde yona lendaba yamanga ngoba lokhu kwazi indaba yamanga kuthinta umphefumulo wethu kuwuphambanise kanye no Nongoma.
Sabalala Ndaba enhle
Sabalala Mveliqangi
Nongoma huba ihubo lakho laphakade
Silizwe ngezindlebe liye lifike emqondweni
Nongoma Sangoma Sokuqala
Nciphisa amandla engoma embi
Akwande ingoma enhle
Silapheke siphile sizibone
Sikhuleka ku Mveliqangi iSangoma esikhulu
Aah Proffesor Gabriel Oyibo
Aah Mkhulu Nsingiza
Aah Vusamazulu Credo MuThwa
Aah Matiwane
We have some exciting news to share regarding our upcoming book releases. While "The Great Mutombo" has been delayed to September, we are thrilled to announce that "Shining Stars of Africa" will now be released in early April instead!https://t.co/xuf0JQk0jd pic.twitter.com/IdWckQTnXQ
— Ilanga laBaNtu (@ilanga_labantu_) March 9, 2023
It’ѕ great that you are getting ideas from this piеce of writing as well as from our argument made at this time.