Unpacking the hidden evil intentions of Nkosi Sikelela i’Afrika – United British South African Anthem (Wales) – Part 2

Ngiyakhuluka emagumbini omane omhlaba, Empumalanga, eNtshonalanga, ENingizumu nase Nyakatho, ngithi akube kuhle kukhanye.

Idumela elikhulu esilibona kuselibhalo sethu sakamuva selikhande ukuba siqhubeke sibhale isigaba sesibili. Namhlanje sibuka laphaya ngo -1994 kuza neno lapho khona oBaba Bethu oMandela nabanye babezama ukuthi kubunjwe ubudlelwano kuleli lizwe lakithi kungabe kusabakho nkedama ezweni legolide, dayimane njl njl. Angeke singene kokuningi kulesisimo kepha sizothinta lendawana yalesi sihlabelelo sama Khrestu amamishinali esakhethwa saba isihlabelelo sesizwe.

Thina Sizwe esimnyama

Igagu lika MaMzobe, uBaba u-President Zuma ubevamisile uma ephefumula kwezepolitiki bese elithinta leligama elithi “Thina Sizwe esimnyama” i.e

“Thina sizwe esimnyama (We the black the nation)

Sikhalelela izwe lethu (Are we weeping for our land)

Elathathwa ngabamhlophe (Which was taken away from us by white people)

Mabayeke umhlaba wethu (Let them return our land).”

Lengoma noma umlando wayo ophelele singawutholanga ukuthi yaqanjwa nini, iqanjwa ngubani kepha amazwi ayo acacile bha! ukuthi angamazwi omuNtu onsundo nomlando wakhe wokumukwa umhlaba wakhe. Ukube iqiniso liyabusa okungenani lesi sihlabelelo kwakumelo kube yisona okuba ngesesizwe. 

UMkhulu Nsingiza we Zindzi Mandela Foundation uke wahola inhlangano yase Khemu emkhosini we Sililo sika Nomkhubulwane eMaNgwaneni. Inxenye yalomkhosi bekuwukushisa amabhayibheli kulabo abanawo asebehlukana nawo bebuyela ku Mvelinqangi no Nomkhubulwane. Kwathi kungaqedwa ukuphahla kucetshwe amabhayibheli kokhokho, uMkhulu Nsingiza wase eqala sona lesihlabelelo esikhala ngomhlaba wethu. Kubalulekile nokuthi ngibalule ukuthi noma uBaba uMsholozi ubesimemeza kepha ubesebenzisa indlela yamanothi kanti kunendlela yaso yabaNtu lapho kushawa izigubhu kuvuke uMoya ka Mdali uMenzi womkhathizwe, iyona uMkhulu Nsingiza ayisebenzisayo uma kwenziwa umsebenzi wamadlozi womoya.

United British South African Anthem (Wales) – 1994

Lesithombe esingenhla sicashunwe ku-website yezwe lakithi “https://www.gov.za/about-sa/national-symbols/national-anthem”. Uma sisifunda sisehlukanisa izigaba ezimbili, ulimi lwethu kanye nolimi lwabelumbi. Lapha enxenyeni yolimi lwethu kuyathandazwa, lokho kuthandaza okuwusiko lwamamishinali esalufundiswa yiwo. Uma uwelela olimini lwabelumbi siyabona ukuthi awusekho lomthandazo, kepha kukhulunywa ngezinqala sizinda zempilo i.e “blue heavens”, “seas”, “Mountains”, “Land”.

Umazisakazi uyasifundisa ukubaluleka kwezwi nokujula kwalo ekudaleni. Lapha siyabona ukuthi ulimi lwabelumbi kulengoma luqinisekisa bona ukuthi zonke lezinqalasizinda zemvelo zingezabo “use of our”. Lena yimpicamqondo eyakhandwa yafakwa ngomnyaka  ka – 1994 ukuthi khululekani nina abamhlophe konke kusengokwenu laba bomdabu abaqhubeke bathandaze. Lokhu sikusho ngoba abamhlophe abazazi izilimi zomdabu iningi labo abazikhathazi ngokuzazi okusho ukuthi lomthandazo osezilimini zethu bona abawuthandazi.

Abansundu nabo ngokunjalo lezi Limi zombumbi basebaningi abangazazi ikakhulukazi ngalesiya sikhathi sokuhlanganiswa kwalengoma. Okusho ukuthi uma sekungena kulenxenye yezinqalasizinda zempilo umuNtu onsundu akasahlangani nalokho, noma ekwazi ukuphimsa amagama kepha isithombe emqondweni asakheki ngoba ulimi akusilo olwakhe. 

Okunye okumangazayo ngaso lesihlabelelo ukuthi kungani njalo izwe uma kuthiwa seliyakhululeka bese lifunzwa lengoma ebhalwe ngobuchule base Ngilandi/British (Wales)?

Namhlanje amandla alengoma ekucindazeleni abomdabu siyawabona, umhlaba nanamhlanje abansundu abanawo, izintaba zabo abanazo zathathwa(Nzalo Yelanga, Ukhahlamba), Ulwandle abanalo, Konke kuphethwe yi-British government lena yesingisi esibusayo. Laba bomdabu bona baqhubeka nomthandazo nokuzidela ubuNtu babo ukuze kube “nokuthula”.

Sengivala kuyamangaza nokubona ukuthi konke okutolikwayo kulengoma kususwa kwezethu izilimi kuye olimini lwase British Engilandi. Kepha lona lolu limi lwase ngilandi alutolikwa lubuyele olimini lwethu lwe SiNtu. Umbuzo uthi obani kanti ababebhalelwa lengoma ukuthi bethokoze ngayo? 

Lelivesi lesingisi  nesibhunu aliyiswa ngani ezilimini zesiNtu ukuze siqonde ukuthi lithini ngolimi lwethu?

Lobu bufakazi obuqanda ikhanda buyasitshela ukuthi leli Lizwe izwe LaseNgilandi akusilo izwe lomdabu. Nezilimi zethu zomdabu eziningi azifakiwe kulengoma kepha zonke ezabelumbi ziphakathi.

Ubukhona bayo lengoma kumele kube yisikhumbuzo ukuthi kwenzekani kuli Lizwe lokhokho. Kanti futhi lengoma isithatha isibeke ukuthi kwenzekani ngo 1994, iyi-summary ka 1994.

Nomkhubulwane nawe Mvelinqangi silwela imiqondo yethu eyathathwa abamhlophe!

Mabawuyeke umqondo wethu Thina sizwe esiNsundu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

error: Content is protected !!