Qaphela ubhasobhe usathane obusa amakholwa

Ngiyakhuleka ku Mdali, Umnini mandla onke, oziqu zintathu, Owavela Kuqala. Ngiyakhuleka ku Sekhmet uMlaphikazi Indlovukazi yenhlambuluko nenhlanzeko. Ngiyakhuleka ko Khokho No Khokhokazi, Ngiyakhuleka kubona bonke abanebala elinsundu lika Mdali.

Lombhalo wanamhlanje ubhekiswe kulabo bantwana baka Mdali asebezizuzele inhlanhla yokubuyela kuye bahlubuke ezakhiweni nasemajele omqondo akhandwa abelumbi. Kuyaqala emlandweni wezwe lakithi ukuthi abaNtu bomdabu bethole intuba yokukhululeka ngokomqondo ngokuphelele. Phambilini eminyakeni eyikhulu kuya kumakhulu amabili umqondo wabezizwe ubuhamba phambili ungenakuzanyazanyiswa, ubuyaye uze ubizwe ngombuso ka Jehova.

Ngalesikhathi bekujuqwa konke ukucabanga komdabu wokhokho kuphendulwe ihlaya, lokhu kuyizinyembezi ezisagobhoza nanamhlanje kithi thina sizukulwane sabo. Namhlanje sifisa ukuthinta indawo ebaluleke kakhulu edinga ukuqashelwa isizwe sonke sika Mdali esesikhululekile sahlubuka emasontweni.

Usathane obusa amakholwa

Usathane ngeqiniso uyisakhiwo sokulumba sabo abelumbi eqinisweni lako baNtu akekho usathane. Usathane uyefana no Jehova uyinto yomlungu engahlanise lutho nabaNtu abamnyama, Siyazi abamnyama abangabazali boLuNtu abakaze bethi kunomuNtu ohlala ezulwini onguMdali.

Lapha emasontweni kufakwa umoya wenzondo ukuthi abaNtu baka Mdali abazondane, kube khona abahle nababi. Ababi yilabo abasontwa kwenye indawo, nalabo bona abangasontwa ndawo abaphila ngokuka Mdali nje kuphela. Lento yiwona lomoya abawubiza ngawo usathane emabandleni abelumbi. 

Ikhona ke into eyenziwa amakholwa uma omunye oyilunga ephuma enkonzweni yawo ebuhlungu kabi eveza lomoya omubi ombethe amasonto wenzondo nokuqalekisa. Uma omunye eshiya eyolandela elinye ibandla amakholwa amadala ambophela inhiziyo ngendlela eyisimanga anmfisele konke okubi ukuze kubonakale ubukhuli buka nkulunkulu noma ujehova wawo. Abanye baze bakuphimisele besho bethi nisazombona ubani akuphunywa kulelibandla uzophupha aphele nya! Ngokwenza konke lokhu basuke besetshenziswa yilomoya omubi ongamele onke amasonto phansi komthunzi welanga. Kuyenzeka futhi uma umuNtu kaMdali enombono othile ngebandla elithile, noma ethi uyakhuza nje akubona kunhlanhlatha ngandlela thize, amakholwa amsongela ambulale ngenhlinziyo afise nokuthi umuzi walowo muNtu awubhubhe uphele, lokhu kwenza uma ekwenza ayaye anganaki amakholwa ukuthi enza into embi kangakanani, Noma kuqondana lowo muNtu ehlelwa isehlo esibi, Ayagiya amakholwa amanye aze aqophe izingoma zokujabula ngoba umuNtu othile onombono ongefani nawo wehlelwe isehlo esibi.

Lokhu ke akumangazi ngoba sesiyazi abanini balemizimba yabelungi ukuthi ama chitauri onhloso yawo ukudicilela isithuniz somuNtu phansi kuphele ngaso.

Qaphela wena osuphumie esontweni isitha sakho yisona lesi okade usonta naso. Bafisa ukuthi lokhu abakubiza ngo Mdali wabo (isithixo, isigubhu, holy grail) kubonakale amandla akho ngokulimala kwakho.

Asikhulumeni sonke no Mveliqangi asikhulule emaketangweni omlumbi ngokuthi sibe yimbumba sibuyele ekutheni umuNtu ngumuNtu ngabaNtu.

read more

Ubani Umveliqangi?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

error: Content is protected !!